UZICELELE yena ukuthi inqanyulwe inkontileka yakhe kwi-Orlando Pirates, uBen Motshwari, osengumdlali waMaZulu.
NgoMsumbuluko, uSuthu lumemezele ukuthi uMotshwari (32), usayine kulo inkontileka yemidlalo esele kule sizini ehambisana nombandela wokuyivuselela ngonyaka owodwa.
EZimnyama zikhiphe isitatimende, lapho zimvalelisa futhi zimfisela inhlanhla, uMotshwari.
Usayina naMaZulu nje, kuke kwanamahlebezi okuthi iKaizer Chiefs iyamfuna kodwa kwaphazamisa ukuthi ubesenenkontileka nePirates.
Nakuba uMotshwari ebehambe neZimnyama ukuyokwenza amalungiselelo ale sizini eSpain, bekubukeka engekho ezinhlelweni zomqeqeshi wazo, uJose Riveiro.
Selokhu kuqale le sizini ubengakadlali nowodwa.
Empeleni uRiveiro, enkabeni yesisu uncamela ukudlalisa uMiguel Timm noThabang Monare.
Ngokuthola kwephephandaba, uSuthu nePirates baqale ukuyixoxa ngoLwesihlanu olwedlule, indaba kaMotshwari.
Kuthiwa kushaye iSonto sekuvunyelwene ngakho konke. Bese kusele ukuthi usihlalo wePirates, u-Irvin Khoza, asayine incwadi yokumdedela ngokusemthethweni.
UPalisa Mkhize wePulse Players Management ephethe izindaba zikaMotshwari, utshele Isolezwe ukuthi ngaphambi kokuqala kwale sizini, iPirates ivuselele inkontileka yalo mdlali ngesizini eyodwa. Abenayo beyiphele ekusongweni kukaJuni.
UMkhize udalule ukuthi yibo abacele ukuthi eZimnyama zinqamule inkontileka kaMotshwari ngoba bekucaca ukuthi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi.
"Sibonga kakhulu kwiPirates ngekwenzele uBen selokhu afika kuyo ngo-2018. Sibonga kakhulu nakusihlalo wayo, uDkt Irvin Khoza, ngokusivuma isicelo sethu sokuthi kunqanyulwe inkontileka. Okuhle ukuthi uze wamnika nezibusiso uBen, wamfisela nenhlanhla kuMaZulu. Ngibonga kakhulu nakusihlalo woSuthu, uSandile Zungu. Izingxoxo zethu zihambe kahle kakhulu.
“Uyindoda eyenza izinto ngokukhulu ukuhleleka. UBen lapho efika khona unqoba izinkomishi. Asethembe ukuthi nasoSuthwini uzofika nale nhlanhla. Okubuye kujabulise ukuthi AmaZulu angamsebenzisa noma yinini uBen, ungumqemane ngokwanele. Ubeyingxenye yeqembu ebeliseSpain, liyokwenza amalungiselelo ale sizini. Angingabazi ukuthi uzofike angene khaxa esitayeleni soSuthu," kucacisa uMkhize.
UMotshwari, eqenjini lakhe elisha ijezi esiswini uzolibanga nabadlali abanjengoGeorge Maluleka, Celimpilo Ngema ukusho abambalwa.
Usihlalo woSuthu, uZungu, uthe: “Bese kuphele isikhathi eside sifuna umdlali wasesiswini osezingeni likaMotshwari. Simfisela inhlanhla, kasingabazi ukuthi uzoba nesandla ezintweni esifuna ukuzizuza kule sizini.”
Lo mdlali ufike kwiPirates ngo-2018, ephuma kwiBidvest Wits. KwiZitshudeni unqobe inkomishi yeligi ngesizini ka-2016/17, eyeMTN8 neyeTelkom Knockout. KweZimnyama unqobe ezimbili zeMTN8.
NgoMeyi ubesesemabhukwini ayo ngesikhathi inqoba eyeNedbank Cup. Nokho wayengekho ngisho ebhentshini kulo mdlalo. Kuyo uhambe esedlale ewu-133, sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano. Ushaye amagoli amahlanu.