Chippa United (0) 0
Kaizer Chiefs (0) 1
IKAIZER Chiefs ishovele iChippa United ezembeni ngesikhathi esifanayo yaqinisekisa ukuthi ayisali kakhulu kumaqembu abanga izindawo emiqhudelwaneni yeCaf yangesizini ezayo.
Amakhosi anqobe iChilli Boys engasemsileni kwi-log ngo-1-0 wegoli lika-Ashley Du Preez emdlalweni weDStv Premiership eNelson Mandela Bay Stadium, ngoLwesine ntambama. Lo mphumela ubajabulisile abalandeli bawo abebephume ngobuningi enkundleni kwazise ngempelasonto edlule basale bebhocobele iqembu labo liwalahla wonke amaphuzu lihlulwa yiSekhukhune United.
Ngokunqoba, iChiefs isenalo ithuba lokuqeda okungenani endaweni yesithathu okungayifaka kwiCaf Confederation Cup. Iqembu eliqeda endaweni yesibili lizodlala kwiCaf Champions League neMamelodi Sundowns engompetha beligi.
Nokho ukuze kwenzeke lokhu iChiefs esendaweni yesine (ephekwa u-Arthur Zwane), kuzomele iqhubeke nokunqoba emidlalweni emithathu esele bese imincela ukuthi amaqembu angaphezulu ,kwayo iSuperSport ne-Orlando Pirates, alahla amaphuzu kweyayo imidlalo.
Emdlalweni waseBhayi, iChippa iqale umdlalo ingakukhombisi ukuthi isenkingeni njengoba izivakashi kuyizona ebezibonana kangcono.
Imizuzu yokuqala eyishumi ize yaphela kuseyiChiefs kuphela efika emapalini obekwenza azipholele, uBrendon Petersen, obesezintini kuMakhosi.
Yize iChiefs ibingcono kodwa lokhu akusho ukuthi ibidlala into encomekayo ngaphandle kwamabhola amade ebizama ngawo ukuthola, uDu Preez, obelokhu eqhamuke njalo ngejubane.
IChippa ibisikhombisa izimpawu zokuvuka emaqandeni maphakathi nesiwombe sokuqala, isilithunga ngesinono obekwenza izinkumbi zabalandeli beChiefs zingahlali ngokunethezeka.
Ngalesi sikhathi, uMduduzi Tshabalala, uyeke ithuba elihle lokukhulula laba balandeli ngesikhathi ibhola lakhe lishaya ipali kulandela umsebenzi omuhle, kaChristain Saile, obeqhamuka neminyakazo ebonakalayo ngasophondweni lwesokudla lweChiefs.
Ngaphandle kwaleyo minyakazo, lo mdlalo ubububenza bagcine sebezixoxela abalandeli bakanobhutshuzwayo abebephume ngobuningi babo.
EzikaLehlohonolo Seema, zibuye ngomfutho esiwombeni sesibili kwaba izona futhi ezifika kuqala ezintini.
Nezinguquko lo mqeqeshi osanda kubuyela kwiChippa ubese eqalile ukuzenza futhi kucaca ukuthi abadlali abafana no-Andile Mbenyane bangena nesipiliyoni.
Izinga lomdlalo likhuphukile esiwombeni sesibili kodwa obekusobala ukuthi lo mdlalo usunganqotshwa yinoma iliphi iqembu kwaze womabili abese efika ephindelela ezintini ngokwahlukana.
Ngokubona ukuthi isikhathi siyahamba kodwa akwenzeki lutho, uZwane, ufake uKgaugelo Sekgota, ngomzuzu ka-71 endaweni kaHappy Mashiane.
Kudlule umzuzu owodwa kwenzeke lokhu, uDu Preez wayibeka ebuhleni iChiefs ngengcwenga yegoli alishaye ngobunono layo lanamathela enethini kade egotshelwe ibhola uReeve Frosler.
Bese zilokhu zithengana emuva kwaleli goli. Ngemizuzu yokugcina, iChippa izitshele ukuthi isithole igoli lokulinganisa kade kuyikhona kodwa unompempe waphika ethi kudlaliswe kabi uPetersen ebhokisini.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Kusasa - Ngo-3pm: Royal AM v Cape Town City (Chatsworth Stadium).
Ngo-5.30pm: Stellenbosch v Lamontville Golden Arrows (Danie Craven).
Ngo-8pm: AmaZulu v Sekhukhune United (Moses Mabhida Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: TS Galaxy v Orlando Pirates (Mbombela Stadium).
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Kusasa-Ngo-3 pm: Venda v Spurs (Thohoyandou); Magesi v Baroka (Old Peter Mokaba); Callies v Casric (TUT Stadium); Rovers v Leopards (Isak Steyl); Polokwane v Uthongathi (Peter Mokaba); All Stars v JDR (Tsakane); TTM v Lions (Siesa Ramabodu); Tuks v MM Platinum (Tuks Stadium).