Kaizer Chiefs (1) 2
TS Galaxy FC (1) 2
I-KAIZER Chiefs igcine iphume nephuzu ibambana neTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Esiwombeni sokuqala, uRanga Chivaviro ubeke iChiefs phambili ngaphambi kokuthi uS’phiwe Mahlangu atholele iGalaxy igoli lokulinganisa.
Umdlali weChiefs, u-Edmilson Dove, ukhishwe ngekhadi elibomvu ngaphambi kokuthi kuyiwe kophumula
Uvuthe zisuka lo mdlalo kangangokuthi imizuzu yokuqala engu-10 ithe iqambe iphela, bobabili onozinti bese bewahlenge kunzima okungenani amahlandla amabili amaqembu abo ngokwahlukana.
Ligcine liqhamukile igoli ngomzuzu ka-18 ngonyawo lukaChivaviro kulandela iphutha likaMpho Mvelase, abamphuce ibhola ezama ukujika esebhokisini langakubo.
Umdlalo uqhubeke ngomgqigqo obuvele uhamba ngawo ngisho iChiefs isihamba phambili kwaze kwaba kuvela iphenathi edaleke, kuDove ovimbe ibhola ngesandla yathathwa uMahlangu oyibeke phakathi ngomzuzu ka-32.
Yize kube sengathi iChiefs iyawukhuphula umdlalo emuva kokulinganisa kweGalaxy kodwa lokhu bekuyishiya izacile emuva obekuyingozi kwaze kwaba uDove ukhishwa ngekhadi elibomvu ngomzuzu wokugcina wesiwombe sokuqala.
Esesibili naso ebesivutha, siqale ngokuthi uChivaviro abuyisele iChiefs ebuhleni nge-freekick ayibeke enethini nzomzuzu ka-50.
IGalaxy ebivele ikhombisa izimpawu zokudlondlobala ngokuhamba komdlalo ilinganisile ngomzuzu ka-76 lishaywa uyena futhi uMahlangu kade kuyikhona.
Usuyela ngasemaphethelweni umdlalo unozinti weChiefs obesebhentshini, uBrendon Petersen, ukhishwe ngekhadi elibomvu kulandela akusho engaphandle.
Okuqaphelekile esiwombeni sesibili ukuthi iChiefs idlale kangcono kakhulu ingasaphelele okufakazelwa nawukuthi ike yahamba phambili.
Ucishe waphuma esandleni umdlalo usuyela ngasekupheleni kwazise amabhentshi womabili abese ebanga zonke izinqumo zonondweba.
Iphuzu elitholwe yiChiefs lisayibeke endaweni yesikhombisa ngaphambi kokuthi amanye amaqembu abanga nayo ukuhlala kwiTop 8 adlale namuhla.