Orlando Pirates (0) 0
Al Ahly (0) 0
Ayikho evume ukugoba uphondo phakathi kwe-Orlando Pirates ne-Al Ahly zibambana kuthula umoya emdlalweni kaGroup C wesigaba samaqoqo eCaf Champions League e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo ntambama.
Womabili la maqembu abeze kulo mdlalo eshayela phezulu kwazise ayiqale ngonyawo oluhle imidlalo kaGroup C. IPirates ishaya iCR Belouizdad yase-Algeria ngo 2-1, i-Ahly yavulela isibhaxu sika 4-2 kwi-Stade d’Abidjan yase-Ivory Coast.
Okusheshe kwaqapheleka esikimini sePirates esiqale lo mdlalo ukuboshelwa kukaMonnapule Saleng obesekunesikhathi egcine ukubonakala esikimini saleli qembu, nokuqala ebhentshini kukaMahau Nkota owenze ezibukwayo eshaya amagoli amabili leli qembu liguqisa iBelouizdad ngo 2-1 ekuhambeni.
Ngasohlangothini lwe-Ahly, iqalise ebhentshini uPercy Tau ongesinye sezethenjwa zayo nobebhekwe kakhulu yiningi labathandi bebhola baseNingizimu Afrika nakuba engenile ngesiwombe sesibili.
Nakuba iPirates kuyiyona ekhombise ukuba phezudlwana ngomdlalo ngesiwombe sokuqala, kodwa onozinti bawo womabili la maqembu kuphele isiwombe sokuqala bezipholele kwazise abengekho amabhola amabi abawavimbile.
Emzuzwini embalwa zibuye ekhefini, uThalente Mbatha wePirates osinde kaniningi emabhukwini kanompempe obephethe lo mdlalo ngokudlala uqina thimba kubadlali be-Ahly, ucishe wabeka phambili iBucs edudulua inguzunga yeshodi engaphandle kwebhokisi yaphuma kancane eceleni kwapali.
Yize womabili la maqembu ekhombise iziqubu zokuhlaselana ngesiwombe sesibili, kodwa ucishe waphela umdlalo engekho amabhola abatshazwayo avinjwe ngonozinti.
Kwale noma iPirates isifake uTshegofatso Mabasa endaweni kaMakgopa noNkota endaweni kaDeon Hotto.
Sekusele imizuzu eyisithupha kuphele umdlalo uHussein El Shahat ucishe washayela i-Red Devils igoli lokunqoba edudula ibhola elibi, kodwa wala ukhasha unozinti weZimnyama, uSipho Chaine.
Lo mphumela usho ukuthi womabili la maqembu asenethuba lokwedlulela emzuliswaneni olandelayo wama-quarterfinal njengoba esahlezi phezulu kwi-log kaGroup C ngamaphuzu angu-4 ngokulinganayo, yize i-Ahly kuyiyona esahlezi phezulu ngenxa yomehluko wamagoli.
IBucs izobuyela ensimini koweChampions ngoJanuwari 3 neStade d’ Abidjan, e-Orlando Stadium.