KUBHEKWE abadlali abasebancane ukuthi bazibonakalise njengoba iBanyana Banyana izobhekana neLesotho, kowobungani ozokuba namuhla ngo-1 emini, e-UJ Soweto Campus, eGoli.
Lesi sikwati seBanyana sigcwele abadlali okwala kancane ukuthi badle isicoco seCisafa Women’s Championships nyakenye, abazolwela izindawo eqenjini elikhulu elizodlala kwiWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ngoJulayi nonyaka.
Kulezi zihlabani ezisakhula kukhona umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns, uKatleho Malebana, ohlose ukuveza ikhono lakhe nobuholi bakhe enkundleni.
Lo mdlali oseke waba ngukaputeni wamaqembu esizwe ka-Under-15, no-Under-17, uyalijabulela leli thuba lokuba yingxenye yeqembu elikhulu.
“Yithuba eliyingqayizivele kithina badlali abasebancane ukuthi siveze ithalente lethu,” usho kanje uKatleho, egcizelela ukubaluleka kokusebenza kanzima nokuzimisela.
“Ngifuna ukuzihlola kuleli zinga eliphezulu. Ngiwubheke ngabomvu umdlalo ngoba uzongisiza ngibone ukuthi mina sengikuliphi izinga.”
IBanyana izobe ibheke ukuqhubeka nerekhodi lokungahlulwa uma ibhekene neLesotho, kanti izosebenzisa lo mdlalo ukuqala umgqigqo ezongena ngawo kwi-Afcon ngoJulayi.
Ngesikhathi womaili amazwe egcina ukuhlangana ngo-2018, iBanyana lashaya iLesotho ngo 6-0. Iqembu lakuleli likleliswe endaweni yesibili e-Afrika, kanti iLesotho isendaweni ka-39.
Ngokujwayelekile bengungalindeleka ukuthi iBanyana izigwazele ibhece kulo mdlalo kodwa uzohluka ngenxa yabadlali abancane abazobe beseqenjini likaDesiree Ellis.
UMalebana uvumile ukuthi iqembu abazobhekana nalo liqinile futhi lizobaphonsela inselelo njengabadlali abangakaqini ukhakhayi.
“Sidinga nje ukudlala ibhola lethu futhi sizethembe. Ngicabanga ukuthi umdlalo uzongisiza kakhulu, ngiyafisa siwunqobe. Njengoba umlando usho ukuthi asikaze sihlulwe yiLesotho, nathi singathanda ukuligcine lelo rekhodi. Sifuna ukunqoba kodwa futhi sifuna ukufunda okuningi. Siyazi ukuthi bayiqembu elinamandla.”
Iningi labadlali abamenywe ngumqeqeshi u-Ellis, kubhekwe ukuthi libe ngabadlali abamqoka ebholeni lakuleli ngomuso.
IBanyana Banyana izozama ukuvikela isicoco seWafcon, okuwumqhudelwano omkhulu ebholeni labesifazane kwizwekazi, i-Afrika.
Lo mqhudelwano uzoba eMorocco, kusukela ngoJulayi 5 kuya ku-26. Laba badlali abasebancane bamagange ukuba yingxenye yawo futhi bakhombise ukuthi bangalandela ezinyathelweni zamaqhawe abo.