AKAFUNI ukujabula ngokweqile umqeqeshi weRwanda, uTorsten Spittler, njengoba iqembu lakhe lihleli esicongweni se-log kuGroup C emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
IRwanda yehlule iBafana Bafana ngo 2-0 emdlalweni wesibili ekhaya ngoLwesibili. Bekuyiwini yokuqala kaSpittler waseGermany oqashwe ekuqaleni kukaNovemba. Ukucosha amaphuzu amathathu kwiNingizimu Afrika, kubeke Amavumbi esicongweni se-log ngamaphuzu amane.
Emdlalweni wokuqala iRwanda idlale ngokulingana neZimbabwe. USpittler uvumile ukuthi naye umangele ngokuwina ekubeni esazama ukuhlanganisa iqembu lakhe akuqale emasontweni amabili ngaphambi kokuqala kwemidlalo yokuhlunga. KuGroup C, amaqembu okubhekwe ukuthi abange ukuqeda eqhulwini yiBafana neNigeria kwazise yiwona kuphela asake adlala kweyoMhlaba.
“Bekunzima sisaqala kodwa kuye ngokuba ngcono. Namuhla (ngoLwesibili) bekusifanele ukuwina kodwa uma kwenzeka emuva kwamasonto amabili, uyasho ukuthi kube yiwini yenhlanhla. Bengingalindele ukubona izinto eziningi ebesisazilungisa emasontweni amabili esizenzile enkundleni. Lokhu kuyangimangaza. Ukuthuthukisa abadlali akuthathi amasonto amabili, kuthatha isikhathi.
“Kodwa siyawemukela lo mphumela futhi asisho ukuthi sesiyilungele iNdebe yoMhlaba njengoba sihlezi esicongweni. Lesi yisimo esimnandi okwanamhlanje kodwa asisho lutho. Kusuka lapha, sifuna ukusisebenzisa kahle isikhathi, sithuthukise laba badlali, ikakhulukazi abadlala lapha ekhaya. Kuzoba nzima kulabo abadlala ngaphandle,” kusho uSpittler.
IRwanda ayikho emazweni azodlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast ngoJanuwari. Lokhu kusho ukuthi iyoze idlale ngoJuni neBenin kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
USpittler udalule iqhinga abahlule ngalo iBafana esale ikhala ngobubi benkundla ebigcwele amanzi. Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, uthe iRwanda ibikhahlela ibhola phambili bese iyalilandela.
“Inhloso yethu bekuwukulidlala ibhola, singalikhahleli silijahe kodwa isimo sezulu sadale inkinga. Sihlulekile ukulidlala ngoba inkundla kade imanzi futhi uma uphasa ibhola belibambeka. Ngakho kudingeke silikhahlele phambili. Lokho kusisebenzele kahle,” kusho uSpittler.
“Ngiyazi ukuthi besingakaze sidlale neNingizimu Afrika. Ibone imiphumela yemidlalo yangesonto eledlule. Sidlale ngokulingana neZimbabwe, iZimbabwe yadlala ngokulingana neNigeria. Ibingasazi kahle ukuthi siqine kangakanani nokuthi sibuthaka kangakanani. Ngakho sihlele ukuyicindezela kusukela uqala umdlalo, singayiniki indawo yokudlala u-tiki taka. Ngicabanga ukuthi iqhinga lisisebenzele kahle.”