Upington City (1) 3
Orbit College (1) 1
I-ORBIT College izigwaze ngowayo 'izikhipha emalini' ibhekene ne-Upington City kowamanqamu kweyokuhlunga ye-ABC Motsepe National eHarry Gwala Stadium eMgungundlovu ngeSonto ntambama.
I-Orbit yaseNorth West ihambe phambili ngegoli elibe wumkhonto ogwaze ekhaya kanozinti we-Upington, uKwazi Nxumalo esiwombeni sokuqala.
Awe-Upington yaseNorthern Cape ashaywe nguWillie Nel sekuzoyiwa ekhefini, Daweron Van Rhyn no-Malakia Sefoli kwesesibili.
Womabili la maqembu adlale owamanqamu esevele enyukele kwiMotsepe Foundation Championship ngemuva kokunqoba eyandulela owamanqamu ngoLwesihlanu.
KwiChampionship, azovala izikhala ezishiywe ngamaqembu aseLimpopo iTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) neBlack Leopards okuvela ukuthi isithenge i-All Stars kwiChampionship. Ngokuwina, i-Upington igoduke no-R1.2 million, i-Orbit yathotshwa inhliziyo ngo-R600 000.
I-Upington ifinyelele kowamanqamu emuva kokushaya iMpheni Home Defenders yaseLimpopo sekushaywa amaphenathi kowandulela owamanqamu. I-Orbit idlule kuMsinga United ngegoli okube wumkhonto ogwaze ekhaya.
I-Orbit iqale umdlalo iphaselana ibhola ngokukhulu ukukhululeka. Nokho kade ingaphuthumi ukuya phambili, ibicindezela uma ibhola liphethwe yi-Upington. Lokho kusheshe kwayisebenzela ngomzuzu wesihlanu ngesikhathi bevala izikhala, unozinti we-Upington wagcina ephendukela epalini lakhe walishaya phakathi. Emuva kwegoli, I-Upington izamile ukuziqoqa kodwa ihluleka uma isifike phambili. Nokho Imizamo yayo igcine iphumelele ngesikhathi uNel evalela phakathi ibhola ngomzuzu ka-38.
Esiwombeni sesibili, i-Upington iqhubekile nomfutho evale ngawo isiwombe sokuqala kodwa unozinti we-Orbit, uJohhny Mathole ubengafuni lutho ezintini. Ngokuhamba kwesikhathi i-Orbit ibuyele emdlalweni yafaka ingcindezi kwi-Upington. Ngomzuzu ka-77 uMathole uthole ikhadi elibomvu ngenxa yokudlalisa kabi umdlali we-Upington esebhekene naye. I-Orbit yenze izinguquko yafaka omunye unozinti uZuko Mgidi. Emuva kwemizuzu embalwa uVan Rhyn ushayele i-Upington igoli, kwalandela uSefoli emuva kwemizuzwana embalwa.