KUVELA ukuthi iPremier Soccer League isibheka ezinkampanini zokugembula ukuvala isikhala sabaxhasi njengoba kuvela ukuthi iDStv ngeke iyiqede inkontileka yokuba ngabaxhasi beligi yesigaba esiphezulu.
Imithombo ehlukene yabezindaba ibike ukuthi ukubheda kwesimo sezezimali njengembangela yokugqabuka kwefindo phakathi kwe-PSL nabakwa-DStv.
Lolu phiko olungaphansi kweMultiChioice, lubophe ifindo lomshado nePSL, ngoSepthemba wango-2020. Kuvunyelwane ngenkontileka yeminyaka emihlanu.
Lokhu kusho ukuthi isivumelwano phakathi kwalezi zinhlangano sisalelwe unyaka.
Ngaphandle kweligi enkulu, lolu xhaso luphinde lungene nakwiDStv Diski Challenge (DDC).
Lobu budlelwano benza luphinde lube nelungelo lokusakaza imidlalo yamaqembu ale nhlangano.
Kubalwa izinto eziningi ezibangela ukubhimba kwesimo ekomkhulu leMultichoice, eFerndale, eGauteng.
Kuthiwa kuleli nase-Afrika jikelele, sehlile isibalo sabakhokhela iDStv. Sebesebenzisa ezinye izindlela ukubuka izinhlelo zikamabonakude.
Kunanemibiko ethi iMultiChoice izothengwa yinkampani yaseFrance, iCanal+.
Esitatimendeni esikhishwe iMultiChioce, ngoJune, ibike ukuthi kwehle ngo-9% ukukhokhelwa kweDStv. Kwamanye amazwe e-Afrika, kushone phansi ngo-13%, kuleli kwaba u-5%.
Inzuzo yehle ngo-21%.
Kubikwe nokuthi isikhulu sayo esiphezulu, Imtiaz Patel owayephambili kuboshwa ifindo phakathi kwayo nePSL, sisulile kule nkampani muva nje.
Kuvela ukuthi amaqembu ayalelwe ukuthi angasheshi anamathisele uphawu lweDStv emikhonweni yamajezi awo. Umthombo ozazi njengoba zinjalo ezenzeka kwiPSL uziqinisekisile lezi zindaba.
Lo mthombo utshele Isolezwe ukuthi akusensuku zatshwala iBetway imenyezelwe njengabaxhasi abasha bePSL. Kuvela negama lesikhondlakhondla, iHollywoodbets ezinkampanini zokugembula ezigaqele ukuxhasa le ligi ethathwa njengenye yamakhulu e-Afrika.
"Izikhulu zePSL zishayisana ngamakhanda njengoba kucaca ukuthi iDStv ngeke iwuqale lo nyaka wokugcina wenkontileka. Ukuvelelwa esikhaleni ilesi simo kwenza izehlise ivume ukuxhaswa yiBetway. Empeleni iHollywoodbets eyaqala ukufuna ukuba ngabanye babaxhasi. I-PSL yayichitha kwazise izinto bezisahamba kahle phakathi kwayo neDStv. Igxume yahlala iBetway uma ithola ukuthi sekuyabheda. Ngendlela isimo esiyiyo, kubukeka maduze izomenyezelwa njengabaxhasi," kubeka umthombo.
Umthombo uthe iPSL inombandela kumthethosisekelo wayo ohambisana nokuxhaswa yizinkampani zokugembula.
Uthe lo mbandela uvimba abasebenzi baleyo nkampani exhase iligi, namalungu emindeni yabo ukuthi bangaphinde babhejele ibhola. Ithi inqanda ukuthi kungabi lula ukupheka imiphumela yemidlalo.
"Okwenza izinkampani zibaleke ukuthi lo mbandela uthi leyo nkampani exhasile izohlawuliswa itshe le mali uma uphuliwe. Zikhala ngokuthi ngeke zikwazi ukulawula abasebenzi nabasondelene nabo ukuthi bangagembuli. Njengoba iPSL isisenkingeni akwaziwa ukuthi izoqhubeka yini nalo mbandela kwiBetway," kubeka umthombo.
UFhatuwani Mpfuni okhulumela iPSL uthe akekho ehhovisi, usethimbeni elilungiselela umngcwabo kaStanely Tshabalala ozofihlwa namuhla. Belungabanjwa ucingo lukaMato Madlala oyisikhulu esiphezulu sePSL. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakawuphenduli umyalezo athunyelelwe wona.