ANYONYOBELWA ngelinye ihlazo amaqembu amele iConfederation of African Football (Caf) ne-Afrika yonkana kwi-2022 Fifa World Cup, eQatar.
La mazwe yiSenegal, Cameroon, Tunisia, Morocco neGhana eye kulo mqhudelwano ikleliswe emuva kunawo wonke ezibalweni zeFederation of International Football Association (Fifa).
Eqinisweni amazwe asindiswe yiGhana eguqe ngo 3-2, ukuthi angangeni ehlazweni lokuqeda umzuliswano wokuqala engashayanga nelilodwa igoli.
Yihlazo, ukuthi amazwe amane awakaze ayibone inethi koweNdebe yoMhlaba!
Indaba iqale kompetha base-Afrika, okulindelwe baphathe ithoshi okuyiSenegal, embozwe yiNetherlands ngo 2-0 koweqoqo-A.
Kulandele iTunisia ibambana ngo 0-0 neDenmark, kweza iMorocco nesifanayo ibhekene neCroatia. Esinye isethenjwa okuyiCameroon, siphoxile nazo sinqunywa yiSwitzerland ngo 1-0.
IGhana ibisibuyisa okwangempela isithunzi kodwa yabanjwa ngephenathi engekho enikezwe uCristiano Ronaldo, nokuyiyo ewinise iPortugal.
AmaBlack Stars abanjwa nje, nawo ashiya iNingizimu Afrika ikhexe imilomo ngesikhathi edlula emidlalweni yokuhlunga ngendlela eshayia amakhala ehlula iBafana Bafana ngephenathi eyasusa omkhulu umsindo.
IGhana ifinyelele eQatar isendaweni ka-61 nokusho ukuthi isemuva kweQatar neSaudi Arabia, wona abelandelana endaweni ka-50 neka-51.
Womahlanu amazwe aye eQatar, ebelethe umlando futhi ebhekene nenselelo yokugeza igama le-Afrika, ehlazweni elingene kulo eRussia ngo-2018 wonke ephuma ekuseni.
Umlando abewubelethe ngowokuthi kungokokuqala ukuthi amazwe agijime koweNdebe yoMhlaba ecijwa ngabaqeqeshi abadabuka e-Afrika.
Uma ezase-Afrika, ziphinda ihlazo laseRussia, akumele kukhonjwe ezingeni lokuzimisela kumbe lebhola lala mazwe kuphela kodwa kufanele kusolwe neFifa uqobo ngokuqhubeka nokucindeza izwekazi.
I-Afrika yilona zwekazi elinamazwe amaningi emhlabeni angamalungu eFifa (angu-54) kodwa lokho akubonakali kuphawini omncane wamazwe amahlanu anikezwa wona koweNdebe yoMhlaba.
ISenegal iqale umzuliswano wesibili neQatar izolo ntambama.
ITunisia ibuya nge-Australia namuhla ngo-12 emini.
Kuzolandela iMorocco nomdlalo onzima kwiBelgium kusasa ngo-3 ntambama.
ICameroon ibhekene neSerbia kusasa ngo-12 emini kanti iGhana izosonga owesibili umzuliswano isibhekana neKorea Republic ngo-3 ntambama.