UBEKE umkhuhlane obuhlasele ekhempini ngaphambi komdlalo wamanqamu weNdebe yoMhlaba, njengesizathu sokuphaphama esiwombeni sesibili, umqeqeshi weFrance, uDidier Deschamps, ophuthwe umlando wokuvikela isicoco asinqobe eRussia ngo-2018.
IFrance ivuke ngesiwombe sesibili, yalinganisa kade ilandela ngemuva ngo-2-0.
Kube ubuqhawe namanje obusabatshazwa bukaKyilian Mbappe, oshayele iFrance amagoli amathathu kulo mdlalo, owenze lo mdlalo wagcina uphele esikhathini esengeziwe, zibambene ngo-3-3 ngeSonto ebusuku, eLusail Stadium, eQatar.
Leli qembu lesizwe elize kulo mqhudelwano ngaphandle kukaNgolo Kante noPaul Pogba ngenxa yokulimala laphinde lahlukana noKarim Benzema noChristopher Nkunku ngesizathu esifanayo selifikile eQatar, lihaqwe umkhuhlane emasontweni adlule, laphoqeleka ukuthi bangabibikho abadlali abahlanu abayizithenjwa kowandulela owamanqamu abawunqobe kwiMorocco.
Yize bonke abadlali abebehaqwe ilo mkhuhlane bevunyelwe ngodokotela ukuba basetshenziswe kowamanqamu, uDeschamps ukholelwa ekutheni lesi simo sibashayile ngokomqondo yingakho beze baphaphama esiwombeni sesibili.
“Kuningi okuhlukene obekwenzeka ngaphakathi ekhempini kusukela sifikile eQatar, ngakho-ke mhlawumbe izinkinga zethu zigcine zisifica ngesikhathi esibi,” kusho lo mqeqeshi esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo ecashunwa iL’equipe English.
“Ngiyavuma ukuthi kubekhona ukuphazamiseka ngezinkinga zethu kodwa angicashi ngazo. Bengingabangabazi bonke abadlali abawuqalile umdlalo nalaba abawuqale ebhentshini.
“Sidlale owamanqamu ngemuva kokuphumula izinsuku ezine kuphela ngakho-ke nokukhathala singakubala. Konke lokhu akuzona izaba ngaphandle kokuvuma ukuthi asenzanga ngendlela ebilindelekile esiwombeni sokuqala,” kuqhuba yena.
UDeschamps othathe lo msebenzi ngo-2012, akazange aphumele obala ngekusasa lakhe kuleli qembu lesizwe yize inkontileka yakhe iphelile ngokuphela kweNdebe yoMhlaba.
“Kusebuhlungu kimina ukuthi sihluleke ukuvikela isicoco sesifikile eduze ngakho-ke indaba yekusasa lami ayikho emqondweni wami.
“Ngizohlala phansi nomengameli kasoseshini njengoba kuzoqala unyaka okuyilapho engicabanga ukuthi izinto ezifana nalezo zizobhungwa khona,” kuphetha uDeschamps.