AmaZulu (0) 0
Stellenbosch (1) 1
AMAZULU awendlalele ngesibhaxu owandulela owamanqamu weCarling Black Label Knockout ehlulwa yiStellenbosch emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ntambama.
Igoli leStellenbosch lishaywe ngu-Anicet Oura esiwombeni sokuqala.
AmaZulu angene enkundleni ebheke ukuqhubeka nomgqigqo wemidlalo eyisihlanu engahlulwa. Ngaphezu kwalokhu abefuna ukuwina ukuze ezodlala owandulela owamanqamu weCarling Knockout neTS Galaxy ngempelasonto ezayo eshayela phezulu. Ukwehlulwa kwawo yiStellies kusho ukuthi azodlala owendebe ezikhotha amanxeba.
USuthu lushaywe yiStellies nje belulokhu lwayigcina induku ngoSepthemba 29 likhala ngaphansi kwiMoroka Swallows koweligi ekuhambeni.
IStellies, okungekho okutheni ekukhomibise emdlalweni noSuthu, ingene enkundleni ibheke ukuqhubeka nomgqigqo wokungehlulwa emidlalweni eyisihlanu yakamuva. Leli qembu liwine emibili yeCarling Knockout eselingene kowandulela owamanqamu wayo, nembili yeligi. Ngaphambi kokubhekana noSuthu, icazelane amaphuzu neChippa United. Akubuzwa ukuthi ukuwina kuMaZulu kuzoyenza idlale owandulela owamanqamu weCarling neRichards Bay eThekwini ngempelasonto igcwele ukuzethemba.
Enkundleni, AmaZulu akhombise ukuzinza kuqala kuneStellies, eqala umdlalo ngegiya eliphezulu. Ngomzuzu wesibili, ibhola likaRowen Human alishaye engaphandle kwebhokisi liphume eceleni kwepali. Emuva kwalokho aqhubekile nokuwuphatha umdlalo kodwa ehluleka uma esefike phambili.
Ngomzuzu ka-31 imizamo yeStellies ithele izithelo ngesikhathi u-Oura eqobela phakathi ibhola emuva kokuthi unozinti uVeli Mothwa echithele enkundleni ishodi likaDevin Titus. Emuva kwemizuzu emibili, iStellies icishe yathola igoli lesibili ngesikhathi u-Iqraam Rayners eshaya ibhola kodwa laphuma phezu kwepali.
Esiwombeni sesibili, Usuthu lubuye lwaqhubeka nokungqongqoza odongeni lweStellies. Ngomzuzu ka-47 luthole iphenathi kulandela ukudlaliswa kwabi ebhokisini kukaRamahlwe Mphahlele nguThabo Moloisane. Ishaywe nguJunior Dion kodwa wayivimba unozinti weStellies, uSage Stevens. Emuva kwalokhu AmaZulu aqhubekile nokuzama igoli lokulinganisa kodwa abehluleka uma esefike phambili. Sekusele imizuzu emine kuphele umdlalo, uStevens uchithele phezulu kwepali ishodi lika-Augustine Kwem selibaliwe.