AKASASIBONI isidingo sokuthi abadlali bakhe basatshiswe ukubhekana nanoma iliphi iqembu lesizwe ikakhulukazi kwawase-Afrika umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos.
UBroos ukusho lakhu kulandela ukubambela ekhaya i-Algeria kuba u 3-3 ngoLwesibili ebusuku eStade Nelson Mandela, e-Algiers, emdlalweni wobungani.
Lo mqeqeshi, odabuka eBelgium, ukhuluma sakuqhosha nje yingenxa yenjabulo ngokukhula akuchaze njengokumangalisayo athe ukubona nsuku zonke kubadlali bakhe.
IBafana idlale ingcwenga yebhola kulo mdlalo okugqame kuwo uThemba Zwane, oshaye amagoli amabili kanti ubuyingxenye yomcimbi weFifa obuhanjelwe izinkulungwane zabalandeli.
I-Algeria iyona evule inkundla ngegoli likaYassine Benzia kodwa ziye ekhefini eselinganisile uZwane obevuke umbhejazane kulo mdlalo, wavalela nelesibili ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini.
Amanye amagoli ashaywe nguYassine Brahimi nelesibili likaBenzia kwi-Algeria kwathi elinye eleBafana lashaywa ngu-Iqraam Rayners.
Ngendlela iBafana edlale kahle ngayo, emuva komdlalo uBroos utshele ithimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa) ukuthi alisekho iqembu okufanele lisabise iBafana e-Afrika. Lona bekuwumdlalo wesibili kweyobungani. Kowokuqala ngesonto eledlule elakuleli libambane ngo 1-1 ne-Andorra engazelwa lutho ebholeni lase-Europe.
“Ngineme ngendlela engingeke ngikwazi ukuyichaza ngoba esikwenze kwi-Algeria bekuyisiqinisekiso sokuthi esikwenze e-Ivory Coast ezinyangeni ezidlule bekungelona iphutha,” kusho uBroos.
IBafana ibuye nendondo yethusi kwi-Afica Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast.
“Besibhekene nelinye lamaqembu esizwe aphambili e-Afrika kodwa akukho lapho ngizwe khona sengathi sithwele kanzima.
“Lokhu kukodwa kuwubufakazi obuqanda ikhanda bokukhula kweqembu okuphinde kwaqiniswa yindlela esidlale ngayo kwi-Afcon.
“Angisiboni isidingo sokuthi kubekhona iqembu lesizwe okuthiwa iBafana iyalesaba ngoba ezinyangeni ezedlule sikukhombisile ukuthi sinawo amava okungagcini ngokumelana nezikhondlakhondla zase-Afrika kepha nawokuzibhincisela nxanye sinawo,” kuqhuba uBroos sakuzishaya isifuba.
Akukho kuBroos okukhombise izimpawu zomqeqeshi oseqede konke nelinye iqembu lesizwe njengoba elokhu eqhamuka ngakwelaseTunisia amahlebezi okuthi sekusele kancane asayine kuyona.
Okuzwakale kulo mqeqeshi yinjabulo yakhe ngokhonkolo asewuhlanganise kuleli qembu lesizwe.
“Ngiwumqeqeshi ojabule ngendlela emangalisayo ngoba ngisho abadlali abangalitholi ijezi bayakuqonda ukuthi isikhathi sabo siyeza futhi bawusizo ngokuningi eqenjini.
“Lokhu kungenza ngiyiqaphele inhlanhla enginayo ngoba akujwayelekile ukuthi laba abangadlali bazizwe baphinde bakhombise ngezenzo ukuthi bayingxenye yeqembu,” kuphetha uBroos.