ISITOBHA seKaizer Chiefs, uNjabulo Ngcobo, siyayiqonda inhlanhla yokuzithola sisemabhukwini aleli qembu futhi sifuna ukubalwa nabadlali okwaba yimpumelelo ukufika kwabo eNaturena.
UNgcobo ufike kwiChiefs ngesizini ka-2021/2022 ethwelwe ngeqoma kwazise ubenesithunzi sokuba yiDStv Premiership Defender of The Season kwiSwallows FC abeyidlalela. Lesi sitobha, esingesokudabuka ePort Shepstone, KwaZulu-Natal, siqokelwe kulo mklomelo ngo-2021/2022.
Yize bekumnandi esanda kufika kodwa izinto azizange zihambe ngendlela abefisa ngayo, ngokusho kwakhe. Kule sizini uNgcobo usadlale imidlalo eyisikhombisa yeDStv Premiership.
Ubekhuluma nabezindaba ngeledlule eseTembisa, eGoli, lapho iChiefs nabaxhasi bayo bakwaVodacom abebehambele khona esinye sezikole zendawo ngenhloso yokunikela ngomfaniswano kubafundi abahlwempu.
Nakuba uNgcobo engomunye wabadlali abaphelelwa yizinkontileka uma kuphela le sizini kodwa akagxilile kulokho kepha ubheke ukuthatha indawo esikimini saMakhosi.
“Ngabe ngiqamba amanga aluhlaza uma ngithi konke kuhambe ngendlela ebengihlose ngayo kusukela ngifikile kodwa angidikibele futhi ngiyayiqonda inhlanhla yami yokuzithola ngisemabhukwini eChiefs ekubeni ngiwumfana wasemakhaya,” kusho uNgcobo.
“Mayelana nenkontileka, konke kulele kwiChiefs kodwa engingakusho wukuthi ngikhuthazekile ngokwenzeke ngasekupheleni konyaka odlule ngoba bese ngilithola ithuba.
“Kulokho ngibonga umqeqeshi (uCavin Johnson) ofike wabona okuthile kimina, ngaqala ngathola nethuba lokuveza ukuthi yini le engangilandelwe yona.
“Nasekhempini encane ebesinayo muva nje, ukulungiselela ukubuyela emidlalweni yeligi, ngikhuthazekile indlela uJohnson abenginake ngayo engiqwashisa nangezinto okufanele ngikhuphule amasokisi kuzona,” kuqhuba yena.
UNgcobo, owayedlala kuMaZulu FC nakuThongathi FC, uhlalele ethembeni lokuthi bangawulahli umgqigqo abavale ngawo unyaka odlule.
“Siphoqelekile ukuqhubeka lapho sigcine khona ngaphambi kwekhefu le-Afcon (Africa Cup of Nations) ngoba abalandeli bethu balindele lokho.
“Abalandeli bethu sebewe bevuka nathi izinto zingahambi kahle ngakho-ke konke okuhle esikwenzayo nalokhu esisafisa ukukwenza yingoba sibuswa uthando lwabo,” kusho uNgcobo.
Emidlalweni emine yokugcina ka-2023 iChiefs iwine emithathu, yadlala ngokulingana komunye. Izobuyela enkundleni ngoFebhuwari 13 uma isiyamukela iTS Galaxy koweligi ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.