OMUNYE wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ukhala ngabantu abagxeka enye yezinjini zeqembu, uThemba “Mshishi” Zwane.
UMshishi (33) useqale imidlalo eyisikhombisa yeligi kule sizini wangena esuka ebhentshini kanye. Kule midlalo useshaye igoli elilodwa, alivalela kowokuvula bebhekene neCape Town City, waphinde waphakela ozakwabo kwamanye amagoli amabili.
Noma kunjalo, kunengxenye yabalandeli bamaSandawana ekhombisa ukukhathazeka ezinkundleni zokuxhumana isola lo mdlali ngokulahlekelwa yifomu eyenze washanela zonke izindondo ezinkulu kumaPSL Awards esizini ka-2019/2020, waphinde waba ngomunye wabadlali abagqamile ngesizini edlule.
Nokho uMokwena ukholwa wukuthi lo mdlali usabanikeza okuningi abakudingayo enkundleni okunganakwa yiningi labalandeli.
“Abadlali abafana noThomas Muller noThemba Zwane ngibabiza ngabaphendli bendlela ngoba yibona abakwazi ukuvula izikhala enkundleni. Abasebaningi abadlali abanjalo emhlabeni. Kumele ubuke uMshishi edlela enkundleni ukuze uqonde ukuthi usenzelani,” kusho uMokwena.
“Iqiniso wukuthi imisebenzi yakhe iyazikhulumela, indlela esifuna ukudlala ngayo nakwenzayo enkundleni kuyazikhulumela. Abantu bavumelekile ukuthi bagxeke, noMshishi uyakuqonda lokho. Eqinisweni wenza konke okusemandleni akhe.
"Uyayilandela imiyalelo esimnika yona futhi uyazimisela enkundleni. Uma ethatha isinqumo sokuzama ukuzithuthukisa ukuze akhule, nathi siyakwazisa kakhulu lokho. Ngicabanga ukuthi mhlawumbe nomphakathi udinga ukukwaziswa lokho ngoba akusenzeki kakhulu."
UMokwena uqhube wathi kubalulekile ukuthi abalandeli bebhola baqonde ukuthi ibhola liwumdlalo wamaqembu futhi abadlali badlala izindima ezehlukene ukuze iqembu liphumelele.
"Enye yezinto ezibaluleke kakhulu ukuqonda ukuthi imfundo manje itholakala ezintathelini nasezinkundleni zokuxhumana. Yilapho abantu befundiseka khona ukudlula ezikoleni.
"Kubalulekile kakhulu ukuthi sizisebenzise lezi zinkundla ukuze abantu bafundiseke ngezemidlalo. Kulezi zinsuku uba muhle kuphela uma ushaya igoli noma kukhona okuthile okubalekayo okwenzile.
"Uma ungashayi magoli kusho ukuthi awukho ezingeni eliphezulu futhi abantu bayashesha ukukulahla. Mningi umsebenzi esiwenzayo yingakho uma sishaya igoli iqembu lijabula ndawonye.
"Ngingakhathazeka uma kungasenzeki lokhu, sesingakhombisi ukuthi sibumbene futhi sibambisene. Noma ngabe igoli lishaywe wubani, sonke sishaya izandla ngoba simunye."
Yize esathole imiphumela eshayisanayo emidlalweni eyisishiyagalombili yokuqala, amaSandawana aqhwakele kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-16 emidlalweni eyisishiyagalombili.
Umdlalo olandelayo azowugijima naMaZulu eLoftus Versfeld ngeSonto ngo-3 ntambama.