Ezemidlalo Ibhola

UHunt ukhononda ‘ngetiye’ elidla lubi kwi-PSL

Zakhele Xaba|Published

UMDLALI omusha weStellenbosch, u-Olisa Ndah

Image: Isithombe:STELLENBOSCH FC

 

UMQEQESHI weStellenbosch FC uGavin Hunt ugxibhe iPremier Soccer League (PSL) ngokungsukumi ngendlela efanayo uma amaqembu ayo eyidinga ikakhulukazi ngasekubhalisweni kwabadlali abasha.

UHunt ukusho lokhu kwiSuperSport ngesikhathi ebuzwa ngomdlali wakhe omusha u-Olisa Ndah osanda kubajoyina esuka kwi-Orlando Pirates. Lo mqeqeshi oseke wasebenza kwiChiefs phambilini ubekhuluma ngaphambi komdlalo weBetway Premiership nawo Amakhosi ngoLwesibili ebusuku e-FNB Stadium, eNasrec. 

“Kunezinto esengafunda ukungazixaki ngazo ngoba i-PSL kayisukumi ngendlela efanayo uma amaqembu angaphansi kwayo eyidinga ukuze asheshe abhalise abadlali abasha. Kumaqembu athile izinto zenzeka kalula kodwa kwamanye kuthatha isikhathi ekubeni kusobala ukuthi kasikho isidingo,” kusho uHunt ngaphandle kokuqagula amagama.

Kusukela ngoDisemba, iStellies iqinise isikwati sayo ngabadlali abanamava okubalwa kubona uMosa Lebusa obedlalela iMamelodi Sundowns, Wayde Jooste owachithwa ngaMaZulu ekupheleni kwesizini edlule noTshegofatso Mabasa obeyibamba kwiPirates. Laba badlali uHunt uthembele kubona ukuthi basize ezakhe zisuke ngasemsileni we-log njengoba sezigxile kwiPremiership kulandela ukukhishwa kwiCaf Confederation Cup.