Ezemidlalo Ibhola

Umqeqeshi woSuthu ubalise ‘ngenzondo’ kanondweba we-PSL

Mthokozisi Mncuseni|Published

UTHANDO Ndzandzeka ongunondweba kwiBetway Premiership

Image: BACKPAGEPIX

ESIKHUNDLENI sokubhiyozela ukuba yiqembu lokuqala elidlulele kuma-quarterfinal eNedbank Cup, umqeqeshi waMaZulu FC u-Arthur “10111” Zwane, ukhale ngonondweba okuvamise ukuthi kuqondane nokuthi kudlalisa yena uma Usuthu lubhekana nezinqumo ezixakile.

AmaZulu awina ngo 1-0 wegoli likaPule Eksteen kwiRichards Bay FC emdlalweni we-Last 16 weKe Yona Ya Rona eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, ngoLwesihlanu. Esikhundleni sokujabulela lokhu, uZwane ukhombe  ngomunwe unondweba obephethe umdlalo, uThando Ndzandzeka, emsola ngezinqumo azichaze njengezixakile.

“Kule ligi ugcina uphoqeleka ukukhuluma ngonondweba nezinqumo zabo ezixakile noma ungathandi,” kusho uZwane kwabezindaba emuva komdlalo eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.

Uthe ukhuluma kanjena nje yingoba nangesikhathi bebhekene neMarumo Gallants ne-Orlando Pirates kwenzeke okufanayo ekubeni kuqondene nokuthi babedlaliswa nguNdzandzeka kuyona yomibili le midlalo.

“Ngiyazi ukuthi akujwayelekile ukuthi umqeqeshi akhononde ekubeni ewinile kodwa kunzima ukuziba ukuthi njalo uma sidlaliswa yilo nondweba sizizwa sinovalo ngaso sonke isikhathi.

“Amaphutha onondweba ayingxenye kanobhutshuzwayo kodwa akufanele iqembu libe nokwesaba ngokuzolandela ngoba libona ukuthi nguyena muphi unondweba ozobe ephethe umdlalo,” kusho uZwane kwabezindaba emuva komdlalo. usho kanje uZwane.