Ezemidlalo Ibhola

OwePirates uyivumile induku yeCasric kwiNedbank

Xolile Mpisane|Published

ABADLALI beCasric Stars bejabulela ukunqoba i-Orlando Pirates kumaphenathi koweLast 16 yeNedbank Cup.

Image: BACKPAGEPIX

UVUMILE ukuthi iCasric Stars iyona ebambelele kangcono emaqhingeni ayo ngesikhathi ibakhipha kwiLast 16 yeNedbank Cup ngoMgqibelo ebusuku.

IStars, edlala esigabeni sesibili, iMotsepe Foundation Championship, inqobe ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi e-Orlando Amstel Arena ngemuva kokuthi umdlalo uphele ngo 0-0.

Yize Ezimnyama beziwuphethe umdlalo futhi zibe namathuba angcono emizuzwini engu-90 nakwi-extra time, kodwa ukuhluleka kwawo ukubhakuzisa inethi kuholele ekutheni iCasric igcine iphume phambili kumaphenathi.

“Ngumphumela odumazayo kakhulu, ikakhulukazi ngemuva komphumela esiwuthole sibhekene neMamelodi Sundowns kwiligi. Ebholeni, ikakhulukazi emiqhudelwaneni yomkhumulajezi, noma yiliphi iqembu lingakuthwalisa kanzima. Ngithanda ukuhalalisela iCasric Stars ngokudlala uhlobo lomdlalo ebihlose ukuludlala,” kusho u-Ouaddou exoxa neSuperSport ngemuva komdlalo.

“Basivumelile ukuba siphathe ibhola, sawaka amathuba kodwa sangawathola amagoli. Yiwona mlingo womqhudelwano womkhumulajezi lo. Sizowuhlaziya umdlalo futhi kuzomele sivuke masinyane ngoba lokho kubalulekile. 

“Ngiyayihalalisela iCasric ngoba yenze kahle nakumaphenathi. Siwashayile ejimini ngesikhathi silungiselela umdlalo kodwa benze kangcono kunathi”

Umqeqeshi weCasric, uBucs Mthombeni, uveze ukuthi ukuzethemba nokulandela izihlelo yikhona okubenze banqoba.

“Ngitshele abadlali bami ukuthi bayodlala ibhola, bazijabulise, bangadlaleli mina. Ngisho ngabe bengihlezi egunjini lokushintshela bebezoqhubeka benze okudingekayo,” kusho uMthombeni.

“Besidlala neqembu elihle kakhulu, iqembu elisefomini. Ngiwuhlaziyile umdlalo wabo neSundowns futhi bengazi uma kuhamba isikhathi bengalithtoli igoli bazoba nengcindezi. 

“Ngijabule kakhulu ngokuthi iqembu selingenile kuma-quarterfinal. Ngizwile ukuthi iTS Galaxy nayo iwinile, ngakho-ke ngicabanga ukuthi abantu baseMpumalanga bayaziqhenya ngamaqembu abo. Ngiyazi ukuthi abaphathi beqembu bafuna iligi kakhulu kunalokhu. Uma singawina iligi kuzoba ngcono kakhulu,” kuphetha yena.