Ezemidlalo Ibhola

OwePirates uyazilandula kweseBafana kwiNdebe yoMhlaba

Mthokozisi Mncuseni|Published

INJINI ye-Orlando Pirates, uMakhehleni Makhaula, isikwamukele ukuthi ngeke iyithole indawo esikwatini seBafana Bafana esizodlala kwiNdebe yoMhlaba ngoJuni

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

OMUNYE wabadlali abayizinsika ze-Orlando Pirates, uMakhehleni Makhaula, uzwakala esekwamukela ukuthi uzolikhomba ibhanoyi elizobe lithwele iBafana Bafana isibheke kwiNdebe yoMhlaba ezoba seMexico, Canada nase-United States of America (USA) ngoJuni.

UMakhaula ozohlanganisa iminyaka engu-37 ubudala ngoNovemba, ngomunye wabadlali basesiwini abaqavile kwiPirates egila izimanga emidlalweni yeBetway Premiership kusukela kuqale isizini.

Ukugqama kukaMakhaula kusukela ebuyiselwe ijezi kulandela ukululama kwakhe ekulimaleni, kwenze igama lakhe livele njalo uma kubalwa abadlali basesiwini abasefomini kulezi zinsuku kwiligi.

Abadlali baseMzansi kuwona wonke amaligi abadlala kuwona ngokwahlukana, okumqoka kunakho konke kubona kulezi zinsuku wukuthatha iso lomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos.

Lo mqeqeshi waseBelgium udumile ngokunika abadlali ithuba kwiBafana ngenxa yabasuke bekwenza emaqenjini abo. Yize kunjalo kodwa uBroos uyaziwa futhi ngokukholelwa kubadlali asuka nabo phansi.

Kusukela uBroos athatha umsebenzi kwiBafana ngo-2021, uMakhaula akakaze abizwe esikwatini. Lokhu kwenza kucacele nekhasela eziko ukuthi ngeke angene kwesiyodlala iNdebe yoMhlaba nakuba uBroos aziwa ukuthi useke wawushintsha umqondo ngabadlali okubalwa kubona uThemba Zwane owayengayizwa indaba yakhe.

“Akekho owaziyo ukuthi kuzokwenzekani kusasa ngaphandle koMdali okunguyena esibeke kuyena impilo yethu,” kusho uMakhaula.

“Uma kwenzeka ngizojabulisa okwengane kodwa uma kungenzeki ngeke ngizonde muntu ngoba okuzokwenzeka yilokhu okudaliwe.

“Baningi abafana abancane abanekhono elimangalisayo ngokwahlukana kwamaqembu eMzansi nengicabanga ukuthi kubafanele ukuhamba neBafana kwiNdebe yoMhlaba.

“Lokhu ngeke kugcine ngokusiza iBafana kuphela kepha nebhola laseNingizimu Afrika lizokhula ngoba kuzovuleka namathuba okuthi babonwe ngamaqembu amakhulu emhlabeni.

“Indlela engihlele ukufaka ngayo isandla wukuqinisekisa ukuthi laba (abafana abancane) engisondelene nabo kwiPirates ngizame konke okusemandleni ukubacija ngolwazi enginalo ngenxa yesipiliyoni.

“Kulaba abadlalela amanye amaqembu, ngizoluqinisa kakhulu unyawo ngenhloso yokubasiza babe ngabadlali abangcono okuzobe kulekelela iBafana.

“Isobala indaba yami. Ngishaywa yisikhathi. Uma ubheka iminyaka yabadlali okubunjwe ngabo iBafana kuyacaca ukuthi isikhathi sami kasisekho."