Ezemidlalo Ibhola

Inselelo yabeChiefs ngesomiso samagoli

Xolile Mpisane|Published

UKHANYISA Mayo ngomunye wabagadli beKaizer Chiefs okusabhekwe lukhulu kubona.

Image: BACKPAGEPIX

KUFANELE bazinuke amakhwapha abadlali beKaizer Chiefs, ikakhulukazi abagadli, ngokugqoza kwamagoli okungase kubabuyisele emuva embangweni wesicoco seBetway Premiership.

Amakhosi asendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-30 emidlalweni engu-15, okuyindawo engcono uma kuqhathaniswa nesigaba esifanayo ngesizini edlule lapho abekweyesithupha ngamaphuzu angu-21.

Ngesizini edlule aqeda imidlalo engu-15 yeligi esehlohle amagoli angu-17, aphinde angenelwa angu-17.

Kulokhu asebhakuzise inethi amahlandla angu-15, angenelwa amagoli ayisithupha.

Lokhu kuyakucacisa ukuthi kule sizini amaphuzu andiswe kakhulu ukuqina kodonga lwasemuva kunobukhali babagadli.

Leli qembu yilona elinesibalo esincane samagoli kunawo wonke amahlanu aphezulu kwi-log.

UFlavio Silva uyena olihola phambili ngamagoli amane kwiligi, kulandele uMduduzi Shabalala ngamathathu, uGlody Lilepo ngamabili, nabanye abanegoli elilodwa umdlali ngamunye.

Imidlalo eyisithupha yeligi leli qembu elicijwa nguCedric Kaze noKhalil Ben Youssef ngokubambisana eseliyadlale ngokulingana, ikhombisa ukuthi ngabe likude ukube lakha amathuba amaningi liphinde liwasebenzise ngendlela efanele.

Yize uSilva efike wenza umehluko kwiChiefs, abanye abagadli abasayiniswe ngenhloso yokuthi bazoshayela leli qembu amagoli njengo-Etiosa Ighodaro, Khanyisa Mayo noLuke Baartman abakagqami ngenxa yezizathu ezehlukene okubalwa kuzona ukugeja, ukulimala nokungawatholi amathuba okudlala.

Abagadli abebevele bekhona kuleli qembu njengo-Ashley Du Preez, Wandile Duba, noTashreeq Morris, nabo abakenzi lutho olutheni kule sizini.

Njengoba ebholeni lesimanje ukumaka kungesiwona umsebenzi wezitobha kuphela, kanjalo nokushaya amagoli akusiwona owabadlala phambili kuphela.

Lokho kugqamile emaqenjini afana ne-Orlando Pirates lapho engekho khona umgadli ohamba phambili kakhulu ngamagoli kodwa kunabadlali abaningi basesiswini abalekelelayo.

NeChiefs izobadinga abanye abadlali abaqhamuka esiswini, ngisho nasemuva, ukuthi bayishayele amagoli amqoka.

Ephawula ngale nkinga yamagoli emasontweni ambalwa edlule, uBen Youssef uthe bazoqhubeka nokulungisa amaphutha uma bezilolonga ukuze abadlali benze kangcono uma sebebhekene nepali.

“Kufanele siqhubeke nokusebenza, sixhumane nabahlaziyi bethu nabanye ongoti ukuze sithole amanye amaqhinga ahlukile. Ngeke siyeke ukusebenza ngoba yilokho kuphela okungasisiza sikwazi ukusebenzisa amathuba ethu kangcono,” usho kanje lo mqeqeshi.

Njengoba Amakhosi esephumile kwiNedbank Cup neCaf Confederation Cup, asezogxila ngokuphelele kwiBetway Premiership lapho ebheke khona ukuba ngompetha bakuleli okokuqala kusukela ngo-2015.

Azobuyela enkundleni ngoLwesibili, lapho ezotholana phezulu khona neStellenbosch FC eFNB Stadium.