UMGADLI we-Orlando Pirates uYanela Mbuthuma.
Image: BACKPAGEPIX
UKHOLWA wukuthi kuningi okuhle okusazoqhamuka kumgadli osemncane uYanela Mbuthuma umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou.
UMbuthuma (23) uthole namathuba amabili amahle ngesikhathi eZimnyama zinqotshwa yiMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni obushubile weBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku.
Esiwombeni sokuqala ibhola abelithumele ngekhanda livinjwe ngonozinti, uRonwen Williams, kwathi ngesiwombe sesibili ishodi lakhe lashaya epalini.
Ube nesandla ekutheni iPirates ithole igoli elishaywe nguPatrick Maswanganyi esiwombeni sesibili.
“Mayelana noMbuthuma, uma unomdlali osemcane ofana naye, njengomqeqeshi usuke wazi ukuthi unomdlali onamakhono amaningi futhi onekusasa eqenjini. Esingakwenza ukumgqugquzela ukuze aqubheke nokusebenza kanzima,” kusho u-Ouaddou.
“Njengomuntu owadlala ibhola elikhokhelayo iminyaka eminingi, engikwaziyo ukuthi akukho okudlula ukuzikhandla, ukuphila impilo eqondile, nendlela ozilolonga ngayo.
“UMbuthuma wenza kahle futhi usishayele amagoli emidlalweni edlule. Ngiyazi ukuthi uzoqhubeka nokusiza iqembu. Uma usebenza nomdlali osemncane njengaye kufanele umenze azethembe.”
U-Ouaddou akaqali ukuncoma uMbuthuma njengoba eseke waphawula ngomfutho wakhe wokumaka enkundleni osiza leli qembu ukuthi lisheshe liphuce izitha ibhola.
Lo mdlali ofike kwezikaMagebhula ekuqaleni kwale sizini esuka kwiRichards Bay FC, usezishayele amagoli ayisikhombisa emidlalweni engu-17 kuyona yonke imiqhudelwano.
Related Topics: