Ezemidlalo Ibhola

ISundowns isibuyise ngePirates isithunzi kwiligi

Mthokozisi Mncuseni|Published

IMAMELODI Sundowns ijabulela elinye lamagoli enqobe ngawo kwi-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership

Image: BACKPAGEPIX

Orlando Pirates (0) 1

Mamelodi Sundowns (2) 2

IMAMELODI Sundowns ikhumbuze abese beqala ukuyingabaza ukuthi kungani isisiwine amahlandla ayisishiyagalombili kulandelana isicoco seligi enkulu yaseNingizimu Afrika, ngesikhathi inqoba kwi-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership izolo ebusuku, e-FNB Stadium, eNasrec.

Umdlalo uqale kubhekiwe ukuthi iPirates izophumelela yini ukunweba igebe lamaphuzu lifinyelele kwayisishiyagalolunye esicongweni kwi-log noma iSundowns esele ngomdlalo izolinciphisa.

Nakuba kuqale kwaba sengathi yiPirates engcono ngamathuba amabili avinjwe nguRonwen Williams kodwa kuyiwe ekhefini isilandela ngemuva ngamagoli amabili kaBrayan Leon awashaye ngomzuzu ka-37 noka-40.

Womabili la maqembu aqale umdlalo esefomini enhle kwiligi kwazise iPirates ibingayazi induku emidlalweni yeligi engu-14 ekubeni iSundowns iyigcine kweyisithupha edlule.

Umfutho okubuye ngawo iPirates ekhefini uyizuzise igoli ngonyawo lukaPatrick Maswanganyi. Njengoba bekulindelekile, iPirates ilikhuphulile igiya kodwa obekucaca ukuthi iSundowns kayithwele kanzima.

Ngaphambi komdlalo umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, uthe akangabazi ukuthi abadlali bakhe bayakwazi okufanele bakwenze.

“Isimo esikusona kasisisha kwiSundowns kwazise ikujwayele ukuba sembangweni wesicoco. Ngakho-ke akukho okuyisipesheli okufanele sikwenze ngaphandle kokudlala ngendlela esiyijwayele kodwa siqaphele uma kuvela amathuba,” kusho uCardoso kwiSuperSport.

Lo mphumela kawugcini ngokunqamula igebe lePirates esicongweni kepha uvule nophawini wokuthi iSundowns ilinganise ngamaphuzu uma iwunqoba umdlalo esele ngawo njengoba izobhekana naMaZulu eThekwini, ngoLwesithathu.

Ngokubona ukuthi isikhathi siyahamba, umqeqeshi wePirates, u-Abdeslam Ouaddou, ukhiphe u-Oswin Appollis wafaka u-Andre De Jong kanti kwiSundowns bese kungene uThemba Zwane noMarcelo Allende.

Komunye umdlalo weBetway Premiership, iStellenbosch idlale ngokulingana neMagesi ngo 1-1 eDanie Craven Stadium, eStellenbosch.