Ezemidlalo Ibhola

UTinkler uyayichitha eyokwehla kwezinga kwiSundowns

Xolile Mpisane|Published

UMQEQESHI weSekhukhune United, u-Eric Tinkler, uncome amaqembu asaphazamise ukucanasa kweMamelodi Sundowns kule sizini.

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weSekhukhune United, u-Eric Tinkler, uthi umbango wesicoco seBetway Premiership kule sizini awushisiswa ukwehla kweMamelodi Sundowns kodwa amaqembu aqophisana nayo akhuphule izinga.

AmaBrazilians asenqobe iligi yakuleli amahlandla ayisishiyagalombili. Sekujwayeleke ukuthi kuqale isigamu sesibili sesizini ezihambela wodwa esicongweni kodwa kulokhu asendaweni yesibili ngamaphuzu awu-32 emidlalweni engu-15.

Iqembu eliqhwakele yi-Orlando Pirates, elale isibili kumasizini amabili edlule, enamaphuzu awu-38 emidlalweni engu-16.

ISekhukhune isendaweni yesithathu ngamaphuzu awu-32 emidlalweni engu-18, ilandelwe yiKaizer Chiefs naMazulu ngamaphuzu awu-30 iqembu ngalinye.

UTinkler ubona ukuthuthuka kwala maqembu kuholele ekutheni alivale igebe leSundowns.

“Akungabazeki ukuthi iPirates neMamelodi Sundowns yiwona maqembu amabili ahamba phambili njengamanje kwiligi yakuleli. IPirates iyiqale kabi isizini ngesikhathi siyihlula kodwa isithuthuke kakhulu kusukela lapho. Abantu bathi iSundowns ayisenzi kahle kodwa empeleni akunjalo. Okushintshile wukuthi amanye amaqembu asephakamise izinga,” kusho uTinkler.

“IPirates ikhuphukile, nathi sikhuphukile kanjalo neKaizer Chiefs naMaZulu. Yingakho sekubukeka sengathi iSundowns ayisenamandla. Kuhle ukuthi linciphe igebe ngoba akulula ukuqagela ukuthi isizini izophela izinto zimi kanjani.”

Mayelana nezinhloso zeqembu lakhe kule sizini, uTinkler uthe abakubheke kakhulu wukwenza kangcono kunesizini edlule lapho beqede khona endaweni yesine.

“Ngesizini edlule siqede endaweni yesine kanjalo nagesizini ka-2023/24 ngakho-ke kungasijabulisa ukuthi sikhuphuke kule sizini, sikhuphule nesibalo samaphuzu esiwaqoqayo. Angithandi ukubheka phambili kakhulu, ngithanda ukubheka umdlalo olandelayo,” uqhube kanje lo mqeqeshi.

“Esesikwenzile manje ukuhlanganisa amaphuzu angu-30, okuyinto enkulu uma ufuna ukuqinisekisa ukuthi uyaqhubeka esigabeni esiphezulu. Sekukuthina ukuthi sifuna ukuzibekaphi ngale midlalo esele.

“Yilokho okwehlisa ingcindezi kubadlali ngoba uma ubabelesela ngokuthi ufuna iqembu liqede endaweni yesithathu njalo bagcina sebesindwa. Angifuni ukubafakela leyo ngcindezi.”

ISekhukhune izobhekana ne-University of Pretoria kwi-Last 16 yeNedbank Cup ngeSonto.

Olandelayo weBetway Premiership izowudlala neMamelodi Sundowns eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoMashi 1.