NGUMGADLI omusha weMamelodi Sundowns, uBrayan Leon waseColombia, oseshaye amagoli amane emidlalweni eyisithupha yemiqhudelwano eyahlukene
Image: BACKPAGEPIX
IFOMU yomgadli omusha weMamelodi Sundowns waseColombia, uBrayan Leon, ikhulula injini yaleli qembu laseChloorkop, uMarcelo Allende, njengoba bezokubhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership obhekwe ngabomvu.
ISundowns okungokokuqala kumasizini ayisishiyagalombili ukuthi kuhlukaniswe unyaka ingaqhwakele kwi-log yePremiership, izobhekana nePirates namuhla ngo-7.30 ebusuku, e-FNB Stadium, eNasrec.
U-Allende odabuka eChile - ongomunye wabadlali abamqoka kwiSundowns - kuzobe kuthenjelwe kuyena ukuthi aqale iminyakazo eyingozi esiswini kulo mdlalo abaningi abawunona njengozocacisa indlela engase ithathwe yisicoco seligi ngoMeyi 23.
Nokho phambili kuzobe kukhona uLeon waseColombia ongumgadli omusha kwiligi yaseMzansi oseshaye amagoli amane emidlalweni eyisithupha emiqhudelwaneni eyahlukene. Ushaye amabili ngesikhathi iSundowns yehlula iMC Alger yase-Algeria ngo 2-0 emdlalweni wokugcina wesigaba samaqoqo kwiCaf Champions League ngempelasonto edlule.
“Okuningi kusha kuLeon kodwa usekhombise kaningi ukuthi singathembela kuyena uma sifuna amagoli,” kusho u-Allende.
“Siya emdlalweni onzima futhi yithina iqembu elisekuhambeni kodwa ifomu kaLeon inginika ithemba. Uzoba wusizo kithina noma kule sizini uma ezozigada ukuthi angajwayeli ukulimala.”
ISundowns isendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-32 emidlalweni engu-15. Isele ngayisithupha kwiPirates esesicongweni ngawu-38 emidlalweni engu-16.
Akakungabazi u-Allende ukuthi bangawina eSoweto yinqobo nje uma bezoqinisekisa ukuthi bamelana nakho konke okuthunyelwa yiPirates.
“Umphumela esiwuthole kwiChampions League ngempelasonto edlule kufanele usiphushele ekutheni siye e-FNB ngokuzethemba nokwazi ukuthi sinawo amava okubuya namaphuzu agcwele.
“Kasinawo uphawini wokudedela umgqigqo weChampions League esizofika nawo kulo mdlalo ngoba uma sizithambisa iPirates izolinweba kakhulu igebe okuyinto ezogcina isiyinkinga kithina.
“Isifiso enginaso ngesokuthi abalandeli beSundowns baphume ngobuningi babo ukuzoseseka kulo mdlalo okucacele wonke umuntu ukuthi uzobe useqophelweni eliphezulu uma uqhathanisa izikwati zamaqembu azobe ebanga amaphuzu,” kusho u-Allende.
Related Topics: