UKAPUTENI we-Orlando Pirates, uNkosinathi Sibisi, okulindeleke ukuthi ahole eZimnyama uma sezibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium, eNasrec, namuhla ebusuku
Image: Isithombe:BACKAGEPIX
UKAPUTENI we-Orando Pirates, uNkosinathi “Bhodlela” Sibisi, uyaliqonda isasasa ngomdlalo wabo neMamelodi Sundowns kodwa akaboni sekufanele badlalele ukufa nokuphila ngoba ngewini bazozuza amaphuzu amathathu njengakuyona yonke imidlalo abayinqobayo kwiBetway Premiership.
IPirates izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni weBetweay Premiership eFNB Stadium, eNasrec, namuhla ngo-7.30 ebusuku. EZimnyama zithishwa ngabaningi ngokuqeda ukukhonya kwamaBrazilians kwiligi yaseMzansi osekudose iminyaka eyisishiyagalombili.
Leli qembu eliholwa ngumqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou, alikufihli ukuthi lifuna ukuwina isicoco seligi ekupheleni kwesizini ka-2025/2026. IPirates iseqhulwini ngamaphuzu angu-38 emuva kwemidlalo engu-16. Ilandelwa yiSundowns ngawu-32 emidlalweni engu-15.
NgokukaSibisi, iwini imqoka kubona ngoba izonweba igebe esicongweni kodwa ngeke bagudluke emqondweni abanawo ngabafuna ukukwenza kule sizini uma bephikwe ngumphumela.
ISundowns edlulele kuma-quarterfinal eCaf Champions League ngempelasonto edlule, inethuba lokuhhafula igebe lamaphuzu esele ngawo uma inqoba kwiPirates.
“Ngiyaliqonda isasasa kubalandeli nobumqoka bomdlalo ngokwahlukana kwezizathu kodwa iqiniso elingenakuphikiswa ngelithi ngeke sisidle isicoco seligi ngokuwina kwiSundowns e-FNB,” kusho uSibisi.
IPirates ishayela phezulu kulezi zinsuku kwazise isahlulwe kabili ngamaqembu aseMzansi kule sizini emiqhudelwaneni ehlukene. Kubadlali abayithwele kukhona uRelebohile Mofokeng, Tshepang Moremi, Yanela Mbuthuma nabanye.
“Uma singawuwini umdlalo weSundowns, lokho kuyobe kungasho ukuthi sesisiphunyukile isicoco seligi. Ngiyabuqonda ubumqoka bokwenza kahle ukuze sihlale ngokunethezeka esicongweni kodwa uma kungenzekanga lokhu kuyobe kungasho ukuthi sekunyomfeke konke esikuhlele le sizini.
“Esikwaziyo ukuthi kulo mdlalo yithina esizobe sisekhaya futhi emuva kwawo kuzobe sekusele imidlalo embalwa ukuthi kusongwe isizini. Ngakho-ke kuyosisiza ukuwagcina kithina amaphuzu yize singangabazi ukuthi kuzoba nzima.
“Akithina neSundowns kuphela esisembangwnei wesicoco kepha kukhona amanye amaqembu asemhlane wethu alwela into efanayo. Yingakho singekho isidingo sokufaka kakhulu umphumela weSundowns ekhanda,” kusho uSibisi.
Related Topics: