Ezemidlalo Ibhola

Lungase lufake iPSL ehlazweni olweSwallows neGallants

Mthokozisi Mncuseni|Published

UPHAWU lweMoroka Swallows okuthiwa isikaza ukuphuca iMarumo Gallants igunya lokudlala esigabeni esikhulu se-PSL

Image: SIGCINIWE

KUNGASE kunyomfeke izinhlelo ze-Premier Soccer League (PSL) kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi kokuthi iMarumo Gallants ifakwe enkantolo ngoba lihluleka wukumelana nezinye zezivumelwano ezazisayinwe ngesikhathi ithenga iMoroka Swallows ngoJuni 2024. 

Kuvela ukuthi akusensuku zatshwala iSwallows isisinqamule isivumelwano sokudayiselana neGallants uma leli qembu lika-Abram Sello lingakhokhi ngokushesha lokhu elikukweletayo.

Njengoba lolu daba selusenkantolo, sekungenzeka noma yini kwazise uma (inkantolo) ivuna iZinyoni kuyobe kusho ukuthi iGallants kayisenalo igunya lokudlala esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika.

KUBUKEKA isimo sizoba muncu kwiMarumo Gallants njengoba kuvela izindaba zokufakwa kwayo enkantolo ngabeMoroka Swallows

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

Kuthiwa iSwallows kayikho esimweni sokubuyela esigabeni esikhulu kepha kubikwa ukuthi leli qembu laseSoweto lizothungatha omunye umuntu ozothenga igunya lokudlala kwi-PSL.

Ngokwezivumelwano, kuthiwa iGallants yakhokha u-R20 million okwakufanele uze uyisamba, bese kulandela u-R10 million owawuzobhekana nezindleko zentela.

Omunye u-R10 million kwakuzoba ngowokukhokhela zonke izindleko ezithinta izinkontileka zabadlali nezabasebenzi.

Kuthiwa iSwallows kayikaze iphinde ithole lutho ngaphandle kuka-R20 million owafika uyisamba yingakho isisikaza ukusinqamula isivumelwano sayo neGallants.

Kungenxa yalesi sizathu, kuvela ukuthi iSwallows isibatshelile abameli beGallants ukuthi uma ingakhokhi zingakapheli izinsuku ababekele zona bazozwa ngenkantolo isibabiza.

Ngesikhathi iGallants ithenga iSwallows yafudukela eBloemfontein. Leli qembu likhiphe isitatimende izolo livuma ukuthi seliwatholile amaphepha asenkantolo athinta ukudayiselana kwalo neSwallows.

"IGallants iyazihlonipha izinkantolo zaseNingizimu Afrika, ngakho-ke ngeke isasho lutho kwabezindaba njengoba lolu daba selusezithebeni zenkantolo. Esingakuqinisekisa kubalandeli ukuthi yonke into imi ngomumo nabadlali bawubheke ngabomvu umdlalo olandelayo," ibibhalwe kanje ingxenye yesitatimende seGallants.

Inkinga engase ivele izobhekana ne-PSL okuyiyona eyahlela imidlalo yeligi ingazi ukuthi kuyovela izinkinga ezifuze lezi maphakathi nesizini.

Akwaziwa okuzokwenzeka uma iSwallows iluwina udaba enkantolo. 

Inkinga yePSL izoqala uma iSwallows ingasabatholi abazimisele ngokuthenga iqembu elilele endaweni ka-14 kwi-log njengoba selisalelwe yimidlalo engu-12 lisonge isizini.