NGUMQEQESHI weMC Alger yase-Algeria uRulani Mokwena okhishwe yiqembu lakhe lakudala iMamelodi Sundowns kwiCaf Champions League
Image: BACKPAGEPIX
OMUNYE wabaqeqeshi abangaconsi phansi ebholeni lase-Afrika, uRulani Mokwena, ungene ezintangeni ngekusasa lakhe kwiMC Alger kulandela ukwehlulwa yiMamelodi Sundowns kwaleli qembu lase-Algeria okuholele ekutheni lingadluleli kuma-quarterfinal eCaf Champions League.
ISundowns ebisekhaya, igcile ilale isibili kwi-log ka-Group C weChampions League ngemuva kokuxebula ezikaMokwena ngo 2-0 eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo.
Iqembu likaMokwena lifike eMzansi kuyilona ebelihleli endaweni yesibili kwi-log. Beliphoqelekile ukushayela iSundowns ekhaya ukuze lizoqhubekela phambili ne-Al Hilal Omdurman yaseSudan okugcine kuyiyona umakhonya ku-Group C.
Ukuphuma kwe-Alger kwiChampions League kulindeleke ukuthi kulandelwe yiminyakazo yabaphathi yingakho uMokwena ebuzwe ngakucabanga ngekusasa njengoba iqembu seliphumile kulo mqhudelwano.
“Ngiyathanda ukuphendula kodwa kangazi lokhu okwangempela ngokuzokwenzeka ngekusasa lami kwiMC Alger,” kusho uMokwena kwabezindaba.
“Mihle imibuzo eningibuza yona kodwa iqembu yilona elisendaweni ekahle yokuphendula ngoba lona liyazi ukuthi kuzokwenzekani ngekusasa lomqeqeshi.
“Okwami wukuqinisekisa ukuthi kasigudluki kulokhu esisakulwela kule sizini yize singaseyona ingxenye yeChampions League."
Mayelana nokuphuma kwiChampions League, uthe akuyona iSundowns ebakhiphile.
“Imiphumela engafani nathi eyahlukene ebesiyithola kusukela umqhudelwano uqala ibe nomthelela ekutheni kuphethe ngale ndlela okuphethe ngayo.
“Sifike ukuzodlala neSundowns umonakalo usuvele umkhulu,” kusho uMokwena owadla isicoco seligi amahlandla amathathu neSundowns nese-African Football League (AFL).
Nakuba kujwayeleke ukuthi abaqeqeshi bamaqembu asenhla ne-Afrika banganikwa ithuba lokuqhubeka uma beqhuzuke emqhudelwaneni omqoka njengeChampions League kodwa uMokwena angase angaweli kulesi sikhinsi kwazise iqembu lenza kahle kwiligi ngaphansi kwesandla sakhe.
URulani ofike kwi-Alger ngoJulayi nyakenye, uqhwakele kwi-log ekubeni esele ngemidlalo kanti usevele usifakile isicoco sakhe sokuqala (Algerian Super League) ekhabetheni lezinkomishi le-Alger.
Namahlebezi akhomba uMokwena kwiKaizer Chiefs alokhu enamathele kwazise Amakhosi kawanaye umqeqeshi kusukela ehlukanise noNasreddine Nabi ngoSepthemba wanyakenye.
IChiefs esisele neligi kuphela kwengakulwela, iholwa nguCedric Kaze noKhalil Ben Youssef abebefike noNabi.
Related Topics: