Ezemidlalo Ibhola

I-Arrows iphazamise iDowns embangweni weligi yeDiski

Zakhele Xaba|Published

ABADLALI beLamontville Golden Arrows bejabulela elinye lamagoli abawashaye ngesikhathi behlula iMamelodi Sundowns emdlalweni weDStv Diski Challenge ePolokwane, izolo

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

I-LAMONTVILLE Golden Arrows inyomfe izinhlelo zeMamelodi Sundowns iyehlula emdlalweni weDStv Diski Challenge eSeshego Stadium, ePolokwane, ngeSonto.

Abafana Bes'thende abangenelwe yigoli kuqala, bagcine benqobe ngo 3-2. Ngalokhu baphazamise iSundowns obinethuba lokunciphisa igebe lamaphuzu phakathi kwayo ne-Orlando Pirates esesicongweni se-log yeDiski ebingadlali.

EZimnyama eziqhwakele ngamaphuzu angu-44 emidlalweni engu-18, zithole "iholidi" ngenxa yokuthi bekufanele zidlale neStellenbosch FC ebiyofihla umdlali wayo oshone emasontweni adlule. Lokhu kusho ukuthi zizobuya lisenjalo igebe lamaphuzu ayisihlanu ezilivule phakathi kwazo neSundowns esendaweni yesibili ngawu-39 emidlalweni engu-19.

Njengoba sekusobala ukuthi umbango wesicoco seligi uzoba phakathi kweSundowns, Pirates, iSiwelele neStellies, kuzocaca ekugcineni ukuthi amaBrazilians azowakhalela yini amaphuzu ehluleke ukubathola kwi-Arrows emdlalweni obekubhekwe ukuthi iwunqobe.  

Ukungadlali kweStellies kuholele ekutheni yeqiwe yiSiwelele ecoshe amaphuzu agcwele kwiPolokwane City emdlalweni ewunqobe ngo 3-0. ISiwelele isinyukele endaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-34 emidlalweni engu-19.

IStellies, eshaya ngabadlali abasha kule sizini, yehlele endaweni yesine ngawu-34. IKaizer Chiefs, ebolekise ngenqwaba yabadlali ewine ngabo iligi ngesizini edlule, iphinde yathola isibhaxu. Ikhale ngaphansi ngo 1-0 kuMaZulu ePolokwane, izolo.

Imiphumela yemidlalo yeDStv Diski Challenge:

Magesi 0-2 Marumo Gallants; Sekhukhune United 3-0 Orbit College; Polokwane City 0-3 Siwelele; Richards Bay 1-0 Durban City; TS Galaxy 2-0 Chippa United; AmaZulu 1-0 Kaizer Chiefs; Golden Arrows 3-2 Mamelodi Sundowns