UKAPUTENI we-Orlando Pirates, uNkosinathi Sibisi, okubhekwe ukuthi ahole leli qembu liwine izicoco kule sizini
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
UKHOLWA wukuthi ikhefu le-Africa Cup of Nations (Afcon) libanike ithuba lokuzivuselela ngaphambi kwesigamu sesibili sesizini umdlali wasemuva we-Orlando Pirates, uTapelo Xoki.
Esigamini sokuqala sesizini ka-2025/26, eZimnyama zithathe izicoco ezimbili, zinqoba iMTN8 neCarling Knockout.
Njengamanje zisembangweni wesicoco seBetway Premiership njengoba ziqhwakele kwi-log kanti zingelinye lamaqembu adlulele kwi-Last 16 kwiNedbank Cup.
UXoki, ongakaze adlale kule sizini ngenxa yokulimala engozini yemoto neqembu, uthe ikhefu libasizile ukuthi bahlaziye okwenzeke ngonyaka odlule, baqale unyaka omusha ngomfutho omusha.
“Into enhle ngale sizini yikhefu elide esibe nalo ngenxa ye-Afcon. Lisisizile ukuthi sikwazi ukuzotha, sibheke esesidlule kukhona nesikuzuzile, bese sithola amandla amasha okubhekana nezinselelo zesigamu sesibili sesizini,” usho kanje uXoki.
“Siyazi ukuthi ziningi izinto esingathuthuka kuzona futhi yilokho okusenza sikhule. Zikhona izinto esingazenzanga kahle, okusho ukuthi sisengalikhuphula izinga. Okumqoka kithina ukuzithoba, sigxile emdlalweni ngamunye, silalele esikutshelwa ngabaqeqeshi ukuze siqhubeke nokuba ngcono.
“Luselude ukhalo. Izindebe esizinqobile seziwumlando, sesibheke phambili ngokukhulu ukuzithemba.”
I-Orlando Pirates iqhathwe neCasric Stars ngesikhathi kutonyulwa amaqembu azobhekana kwi-Last 16 yeNedbank Cup emcimbini obuseGoli, ngoLwesithathu ebusuku.
UXoki uthe kabalindele ukuthi kube wumdlalo olula, nakuba leli qembu lidlala esigabeni sesibili, iMotsepe Foundation Championship.
“Le midlalo ayilula. Sesike sazibonela siyi-Orlando Pirates siyiswa yiDondol Stars kumaphenathi, kanti maningi amaqembu amakhulu aseke akhishwa ngamaqembu adlala ezigabeni eziphansi phambilini,” uqhube kanje uXoki.
“Yilokho okuhle ngalo mqhudelwano. Unika wonke amaqembu ithuba. Uma ungekho ezingeni elifanele ungazithola usuphumile. Kunganqoba noma yiliphi iqembu.”
Ngaphambi kokubheka iNedbank Cup, ezikaMagebhula zizodlala imidlalo emqoka yeBetway Premiership engazisiza zinwebe igebe esicongweni.
Zizoqala ngokududulana neMarumo Gallants e-Orlando Amstel Arena, ngoMgqibelo ngo-3.30pm.
Zizobe seziya emdlalweni weligi obhekwe ngabomvu lapho zizodudulana khona neMamelodi Sundowns eFNB Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
Ukunqoba leyo midlalo yomibili kungalisiza iqembu lika-Abdeslam Ouaddou ukuthi livule igebe kwiligi ngaphambi kokuthi lijikele kwiNedbank Cup.
Imidlalo yeBetway Premiership kule mpelasonto:
NgoMgqibelo: Orlando Pirates vs Marumo Gallants (Orlando Amstel Arena, 3:30pm), Polokwane City vs Siwelele (Old Peter Mokaba Stadium, 6pm), Chippa United vs Richards Bay (Buffalo City Stadium, 8:15pm)
NgeSonto: Sekhukhune United vs Orbit College FC (Peter Mokaba Stadium, 3:30pm)
Related Topics: