ISITOBHA seMamelodi Sundowns nozakwabo, u-Iqraam Rayners, kweminye yemidlalo yaleli qembu kule sizini
Image: BACKPAGEPIX
ISITOBHA seMamelodi Sundowns, uGrant Kekana, siwukhomba kubadlali umunwe ngokubheda kohlelo kule sizini osekuqhathe umqeqeshi, uMiguel Cardoso, nezingxenye ezithile zabalandeli baleli qembu laseChloorkop.
UKekana uvumile ukuthi izinga leSundowns lehlile kule sizini ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emcimbini wokuqhatha amaqembu azogadulisana kowe-Last 16 yeNedbank Cup eGoli, maphakathi nesonto. ISundowns itomule i-TS Galaxy emdlalweni ozoba sekuhambeni.
Ngaphambi kweNedbank, iSundowns imelwe wumqansa wokunqoba noma yikanjani kwiMC Alger yase-Algeria, emdlalweni wokusonga u-Group C weCaf Champions League ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
AmaBrazilians asendaweni yesithathu ngamaphuzu ayisithupha kuGroup C okuqhwakele kuwona i-Al Hilal yaseSudan ngayisishiyagalombili. Endaweni yesibili kuhleli i-MC Alger ngayisikhombisa. Amaqembu amabili azoqeda phezulu azodlulela kuma-quarterfinal.
Ngokujwayelekile, ngoFebhuwari, iSundowns isuke isinethezekile esicongweni seBetway Premiership ngenqwaba yamaphuzu kanti nakwiChampions League ivamise ukuqeda esicongweni eqoqweni layo.
Kulokhu, iSundowns izobhekana ne-Alger ephekwa nguRhulani Mokwena, isendaweni yesithathu kwi-log ka-Group C. KwiPremiership ilele isibili kodwa kunomuzwa wokuthi i-Orlando Pirates iyona ezogoduka nesicoco.
Lokhu kuba mapeketwane kwezinto kwiSundowns kungesinye sezizathu zokuhlala ngesinqe esisodwa kukaCardoso esikhundleni.
UKekana ukwamukele ukuthi izinga liphansi kodwa wawukhomba kubadlali umunwe waphinda wathembisa ukuthi bazokwenza konke abanamandla okukwenza ukuguqula isimo ababhekene naso.
“Iqembu kalishintshile kangako ngokwabadlali uma uqhathanisa nakumasizini ebesizenzela kuwona. Ngakho-ke angikwazi ukugxeka kwenye indawo ngaphandle kokuwukhomba kithina umunwe,” kusho uKekana.
“Yithina esingena enkundleni ngakho-ke yithina okufanele sigxekwe ngokwehla kweqembu. Akuphikiwe ukuthi kule sizini iqembu kalifani naseminyakeni edlule kodwa futhi kukithina badlali ukukuguqula lokhu.
“Wonke amaqembu ayafikelwa yizikhathi ezinzima kepha akufanele ukuthi ukuzithambisa kwethu - thina esingena enkundleni - kugcine sekuqhatha abaqeqeshi nabalandeli.
“SiyiSundowns sonke futhi ngiyaqonda ukuthi sijwayele ukuwina kodwa kwesinye isikhathi kumele sikwamukele ukuthi namanye amaqembu ayakhula aqhamuke nezindlela ezingcono zokubhekana nathi.
“Kusobala ukuthi kukhona okuhlukile ngeqembu kule sizini kodwa abadlali yibona abanejoka lokubuyisela isimo kwesejwayelekile ngoba yibona abangena enkundleni."
Related Topics: