UMDLALI weKaizer Chiefs, uLebohang Maboe, okubhekwe ukuthi abambisane noSiphesihle Ndlovu enkabeni yenkundla uma leli qembu selibhekene neZamalek SC emdlalweni weCaf Confederation Cup e-Egypt.
Image: Isithombe: BACKPAGEPIX
UKHIYE weKaizer Chiefs wokuvula umnyango wokungena kuma-quarterfinal eCaf Confederation Cup usezandleni zabadlali ababili basesiwini abaqala kudala ukutholana besalihlikihla kwiMaritzburg United ngaphansi komqeqeshi, uFadlu Davids.
ULebohang Maboe noSiphesihle Ndlovu abashaya into ecokeme maphakathi nenkundla kuMakhosi kusukela ngoNovemba nyakenye, kubhekwe bona ukuba baweze leli qembu laseNaturena, emdlalweni wokusonga u-Group D weCaf Confederation Cup.
IChiefs eqhwakele kuleli qoqo ngamaphuzu angu-10 nedinga ukugwema ukwehlulwa, izovakashela iZamalek SC yase-Egypt esendaweni yesibili ngayisishiyagalombili, namuhla ngo-6 ntambama eSuez Canal Stadium, e-Ismailia.
Komunye umdlalo weCaf Confederation Cup kaGroup D, i-Al Masry esendaweni yesithathu ngamaphuzu ayisikhombisa futhi esenalo ithuba lokudlulela phambili, izobhekana neZESCO United yaseZambia, ngesikhathi esifanayo. Amaqembu amabili azoqeda eqhulwini azodlulela kuma-quarterfinal.
Kusukela kulimale uSibongiseni "Ox” Mthethwa ngesikhathi iChiefs ibhekene neZamalek emdlalweni weConfederation Cup ePolokwane, ngoNovemba nyakenye, uMaboe noNdlovu baphenduke izinsika zaMakhosi enkabeni yenkundla.
Okungazibeki ngalokhu kuhlangana koMaboe noNdlovu abaqala ukuthwalisa kanzima amadoda besadlalela iMaritzburg neSuperSport United, wukuthi iChiefs ilokhu iyiqoqe njalo imiphumela emihle selokhu befakwe esikimini seChiefs.
KwiTeam of Choice bafinyelela kowamanqamu weNedbank Cup kodwa bakhala ngaphansi kwiFree State Stars ngo-2018. Emuva kwalokho, uNdlovu wathengwa yi-Orlando Pirates, uMaboe wajoyina iMamelodi Sundowns. Bobabili laba badlali badlalile emiqhudelwaneni yeCaf, bajoyine iChiefs sebesuka kwiSuperSport United.
Ubumqoka balaba badlali buphinde bahlala obala ngesikhathi omunye wabaqeqeshi beChiefs, uKhalil Ben Youssef, enaba ngezinhlelo zokubhekana neZamalek.
“Kuphezulu ukuzethemba njengoba siyodlala neZamalek emdlalweni esingakungabazi ukuthi uzokuba ngeminye yezima kithina kule sizini,” kusho uBen Youssef.
“Nakuba kuzobe kunzima kunjalo kodwa kumnandi ukwazi ukuthi enkundleni sizobe sinoMaboe noNdlovu asebephenduke izinsika zeqembu kusukela benikwe ithuba lokudlala ndawonye.
“IChiefs iyahluka uma kudlala bona. Banendlela yokwenza iqembu ligcine ibhola uma kufanele kanti isipiliyoni sihlala obala ikakhulukazi emidlalweni yase-Afrika.
“Kumnandi kumqeqeshi ukwazi ukuthi enkundleni unabanye abaqeqeshi ngoba uMaboe noNdlovu kabagcini ngokulidlala kepha bayalikhuluma uma kuvela ithuba lokwenza lokho.
“Sinabadlali basesiwini abaningi futhi abayiqondayo indlela esifuna ukudlala ngayo kodwa uMaboe noNdlovu basinika okungaphezulu ngezindlela eziningi."
Related Topics: