UMQEQESHI weMC Alger uRhulani Mokwena.
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weMC Alger, uRhulani Mokwena, uyakuchitha ukuthi umhlaziyi weMamelodi Sundowns, uMario Masha, ubempotshozela amaqhinga ngaphambi komdlalo weCaf champions League obhekwe ngabomvu kusasa ePitoli.
UMasha umiswe amaBrazilian kuleli sonto njengoba kusaphenywa ngezinsolo zokuthi utholakale exhumana noMokwena, owake waqeqesha iSundowns phambilini, emthumelela nemininingwane ethile ethinta indlela iqembu elizilolonga ngayo nelidlala ngayo.
“UMario akanginikanga amaqhinga noma ulwazi oluyimfihlo ngeSundowns. Izingxoxo okukhulunywa ngazo bezimayelana nebhola, ezinye ezimayelana nathi eziphathelene neziqu ze-UEFA," kusho uMokwena.
"Ungicele ukuthi ngimsize ngezindlela zokuqeqesha ezihlukene, umsebenzi wakudala esasiwenza ndawonye kwiSundowns namaqhinga ahlukene okubalwa kuwona awase-Europe ahlanganisa naweManchester City. Awekho amaqhinga nolwazi oluyimfihlo lweSundowns oludluliselwe kimina.
"UMario uyindoda eqotho, umuntu engimthatha njengomngani, engangisebenza naye phambilini. Ngaphezu kwakho konke, ungumhlaziyi okhuthele futhi uyindoda ethanda umndeni wayo. Angisoze ngamcela ukuba abeke umsebenzi wakhe engcupheni ngenxa yami. Angisoze ngacela muntu ukuthi enze lokho ukuze ngibe sethubeni elihle lokunqoba umdlalo.”
ISundowns, eqeqeshwa nguMiguel Cardoso wasePortugal, izodlala owokugcina wamaqoqo ne-Alger eLoftus Versfeld ngomgqibelo ngo-3 ntambama. Idinga ukuwunqoba lo mdlalo ukuze idlulele kuma-quarterfinal.
Related Topics: