Ezemidlalo Ibhola

UMbokazi ubona kuzomcijela eyoMhlaba ukuba seMelika

Xolile Mpisane|Published

ISITOBHA seBafana Bafana neChicago Fire uMbekezeli Mbokazi.

Image: FACEBOOK / CHICAGO FIRE

UKHOLWA wukuthi ukudlalela iqembu lase-United States kuzoba wusizo njengoba sekusondele iNdebe yoMhlaba umdlali weBafana Bafana uMbekezeli Mbokazi.

Lo mdlali (20) usanda kujoyina iqembu elidlala kwiMajor League Soccer, iChicago Fire, esuka kwi-Orlando Pirates.

Njengoba iNdebe yoMhlaba yanonyaka izobanjelwa e-United States, Mexico naseCanada, uMbokazi ubona ukuthi izinyanga azozidlala kwiMLS ezinkundleni ezahlukene ngaphambi kukaJuni zizomsiza ukuthi abone okufanele akulindele uma sekuqala iNdebe yoMhlaba.

KwiChicago Fire ufike nomunye umdlali wakuleli, uPuso Dithejane, osuka kwiTS Galaxy. Ukholwa wukuthhi bobabili bazofunda lukhulu kuleli qembu nakwiligi.

“Ukuba lapha kuzosinika ithuba lokufunda izinto ezintsha. Ekhaya besidlala nabantu esijwayele ukubhekana nabo, abadlali abanamandla, kodwa njengoba sesilapha sizofunda ukudlala nabadlali abasha, namaqhinga amasha,” kusho uMbokazi.

“Uma kwenzeka sifakwa eqenjini elizodlala eNdebeni yoMhlaba sizosebenzisa konke esizokufunda lapha.”

UMbokazi udlale isiwombe sokuqala kowobungani wokulungiselela ukuqala kwesizini neLA Galaxy onqotshwe yiqembu lakhe ngo 3-2 .

UDithejane udlale imizuzu engu-25 esiwombeni sesibili ngesikhathi bebambana ngo 2-2 ne-Austin FC komunye wobungani.

Ebuzwa ngomehluko phakathi kwezinga leMLS neBetway Premiership, uMbokazi uthe akulula ukukala okwamanje njengoba bengakayidlali imidlalo esemthethweni.

“Awukho umehluko otheni engisawubonile ngoba asikakayiqali iligi. Kodwa-ke singabadlali bebhola elikhokhelayo, uma kukhona okuhlukile sizokwazi ukushintsha indlela esidlala ngayo. Sizokwenza konke okulindelekile kithina.”

IChicago Fire izodlala umdlalo wokuqala weligi wesizini ka-2026 neHouston Dynamo ngoFebhuwari 22 ngo-3.30 ezintathakusa.