ABADLALI beMamelodi Sundowns bejabulela elinye lamagoli aleli qembu kule sizini
Image: BACKPAGEPIX
UMDLALI weMamelodi Sundowns osefomini, uJayden Adams, ukhumbuze ozakwabo ukuthi ngeke babenawo uphawini wokucasha ngesithupha njengoba bedinga ukunqoba umdlalo wokugcina ka-Group C weCaf Champions League neMC Alger yase-Algeria, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
ISundowns esendaweni yesithathu kwi-log yeqoqo, isethubeni lokuqeda endaweni yokuqala noma eyesibili ukuze izodlulela kuma-quarterfinal kodwa lokhu kuncike ekutheni inqobe kwi-Alger ephekwa nguRulani Mokwena onomlando wokudla izicoco naleli qembu laseChloorkop.
Kusukela iSundowns yaqukula iChampions League ngo-2016, isahluleke amahlandla amabili kuphela ukudlula eqoqweni.
Ngaphandle kokuthi iSundowns ikhombisa ubuthaka kule sizini kwiChampions League nobudlelwano phakathi komqeqeshi uMiguel Cardoso nezingxenye ezithile zabalandeli kabubuhle.
Kuyisinongo kukodwa ukuthi i-Alger eshiya iSundowns ngephuzu, iqeqeshwa nguMokwena obazi ukusuka nokuhlala abadlali abaningi abayizinsika zeSundowns kwazise usebenze nabo isikhathi eside.
Ekuqaleni kwesonto kuvele ukuthi kumiswe emsebenzini omunye wabasebenza ethimbeni labaqeqeshi, uMario Masha, ngezinsolo zokupotshozela uMokwena izinhlelo namaqhinga kaCardoso alo mdlalo.
Kukhona konke lokhu okugubuzele lo mdlalo, uMokwena uthe akafuni ukuphawula ngawo. U-Adams ukhumbuze ozakwabo ngobumqoka bokuqinisekisa umphumela omuhle.
“Ngisho ngabe umsindo mkhulu kangakanani ngaphandle kwenkundla kepha abadlali ngeke babenawo uphawini wokucasha ngesithupha ngoba umdlalo usenkundleni yethu,” kusho u-Adams.
Nguyena lo mdlali oshayele iSundowns igoli lokulinganisa ngempelasonto edlule ngesikhathi ibambana ngo 1-1 neSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) eLubumbashi.
“Konke okwenzeka ngaphandle kwenkundla akufanele kusinike uphawini wokuvika. Sidlalela ekhaya phambi kwabalandeli bethu futhi akekho okufanele asitshele ngobumqoka bokuwaqoqa womathathu amaphuzu.
“Kusemqoka ukuhlonipha i-Alger njengesitha kodwa akufanele siyithambisele nakancane ngoba uma senza lokho sizozithola sinenkinga yokubuka iChampions League kuthelevishini okungeyona into efunwa yiSundowns,” kusho u-Adams.
Related Topics: