IPHINI lomqeqeshi weMilford FC, uMichael Gumede
Image: BACKPAGEPIX
UVULE isifuba ngokwenza athathe isinqumo sokuwagaxa emgibeni amakhokho, angene kwezokuqeqesha owayengumgadli weRichards Bay, Lamontville Golden Arrows neMilford FC, uMichael Gumede.
UGumede (32) usesethimbeni labaqeqeshi beMilford FC egijima kwiMotsepe Foundation Championship. Uyiphini lomqeqeshi ongusihlalo weqembu, uXanti Phuphuma.
Emidlalweni ayidlalela amaqembu ahlukene esigabeni esiphezulu, washaya amagoli angu-14 emidlalweni engu-73 yeligi, washaya manye ayisithupha kwengu-14 yomkhumulajezi.
Nakuba wayebukeka engomunye wabagadli ababukhali kodwa washesha wanyamalala ebholeni.
“Ezinye izinto uma zenzeka uyaye uzamukele ngaleso sikhathi uma ziqhamuka. Njengoba sidlala ibhola akuqinisekisiwe ukuthi uyoyeka ukudlala uma usuneminyaka emingaka. Kwesinye isikhathi kukhona izimo ohlangabezana nazo noma usathanda ukudlala, bese uyabona ukuthi sekumele uthathe elinye igxathu,” usho kanje uGumede.
“Ngeke ngikwazi ukuzibalula njengamanje kodwa kwakungelula ukuthatha isinqumo sokuyeka ukudlala. Ngenhlanhla kwakunabantu ababeseduze kwami abangeluleka njengomfowethu uSiboniso Gumede, oyiphini lomqeqeshi kwiRichards Bay.
“Wayengibonisa ngisho ngisadlala. Naye kuthe uma ewabeka emgibeni wangena kwezokuqeqesha. Lokho kwanginika ithemba lokuthi nami ngingalandela ezinyathelweni zakhe. Kwakungelula neze, namanje uma kudlalwa ibhola uyafika lowo muzwa wokufisa ukuba senkundleni kodwa ngiyakujabulela ukuba wumqeqeshi.”
UGumede ucebise abadlali ukuthi bavule isifuba uma kunezimo ezinzima ababhekene nazo enkundleni noma ngaphandle kwayo ukuze bathole usizo.
“Ikhona impilo uma usuyeke ukudlala ibhola kodwa ziningi izinto esibhekana nazo singabadlali abanye abantu abangazazi. Umuntu ningambuka edlala kwithelevishini kanti uma sekuphele umdlalo - engasekho emehlweni abantu - uyahamba ayokhala,” uqhube kanje.
“Akulula ukuba ngumdlali webhola. Kudinga abantu abaqinile ngokomqondo nangokomzimba. Uma kufanele ngikhuthaze umdlali obhekene nobunzima ngingamtshela ngami bese kuba wukuthi lokho kuyamqinisa.
“Abantu abangalilahli ithemba ngisho noma ngabe kwenzekani empilweni, bakwazi ukukhuluma nabaqeqeshi, bangafeli ngaphakathi. Kufanele bakhululeke, bakhulume ngokwenzeka empilweni yabo ngaphandle kwebhola. Izinkinga esibhekana nazo azithinti ibhola kuphela.”
Related Topics: