UKAIZER Motaung Jnr wenelisekile ngendlela iKaizer Chiefs edlala ngayo njengoba iqhwakele ku-Group D weCaf Confederation Cup
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
ISIKHULU seKaizer Chiefs, uKaizer Motaung Jnr, kasisiboni isidingo sokugxeka abadlali ngokuhlulwa yigoli ebelizosiza Amakhosi asonge u-Group D weCaf Confederation Cup kusasele umdlalo ngoba abaphathi beqembu benelisekile ngokwazi ukuthi bazodlala owokugcina amandla esezandleni zabo.
UMotaung oyi-Sporting Director kwiChiefs ukusho lokhu kulandela ukuwina ngo 2-1 kwaleli qembu kwi-Al Masry yase-Egypt ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngeSonto. Lo mphumela ubeke leli qembu laseNaturena esicongweni seqoqo ngamaphuzu angu-10 ngaphambi komdlalo wokugcina neZamalek SC yase-Egypt ngeSonto ngo-3 ntambama e-Al Salam Stadium.
Nakuba inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iConfederation of African Football (Caf) ingakamemezeli kodwa kunemibiko esabalele ekhomba ukuthi ingase iwusondeze lo mdlalo, ugijinywe ngoMgqibelo kuyona le nkundla. Amakhosi adinga iphuzu kuphela ukuze adlulele kuma-quarterfinal.
Umphumela ka 3-1 ubuzosho ukuthi iChiefs isidlulile ingakadlali neZamalek kwazise i-Al Masry esendaweni yesithathu ngamaphuzu ayisikhombisa, ibingeke isawadlula Amakhosi ngisho inganqoba kwiZESCO United yaseZambia kowokusonga. Lokhu kungenxa yomthetho olawula imidlalo yeCaf wokuqhathanisa umphumela phakathi kwamaqembu amabili asuke elingana ngamaphuzu, ngaphambi kokuqhathanisa izibalo zamagoli.
IChiefs yashaywa yi-Al Masry ngo 2-1 kowokuvula iqoqo obekuzosho ukuthi ingcono ngokwemiphumela uma la maqembu eqhathaniswa (ukube iChiefs iwine ngo 3-1 noma ngaphezulu).
“Akuphikiwe ukuthi besingakujabulela ukusheshe siqede kodwa kumqoka ukwamukela ukuthi akwenzekanga. Singakhohlwa wukuncoma abadlali ngokubuya nomphumela obudingeka nebesiqonda ukuthi kuzoba lukhuni ukuwuthola,” kusho uMotaung ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
“Ebesikucele kubadlali wukubuya namaphuzu amathathu, nangempela babuya nawo. Kuyajabulisa lokhu ngoba kusisondeza nezwe lesethembiso kodwa sizojabula kahle uma sesiqede iqoqo ngempelasonto.
“Konke ebesikucele kubadlali nakubaqeqeshi basinike kunjengoba kunjalo yingakho nangempelasonto ezayo sizoya e-Egypt ngokuzethemba ngoba siyazi ukuthi abadlali bethu bazowufaka wonke umfutho abanawo ngenhloso yokufaka iChiefs kuma-quarterfinal eConfed Cup."
Related Topics: