Ezemidlalo Ibhola

UKhalil udalula okuvuse abeChiefs koweCaf

Zakhele Xaba|Published

ABADLALI beKaizer Chiefs uGlody Lilepo noMduduzi Shabalala bejabula noFlavio Da Silva oshaye igoli lokuqala ngesikhathi behlula i-Al Masry emdlalweni weCaf Confederation Cup ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngeSonto

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef, udalule ukuthi kudingeke bahlale phansi nabadlali ngabodwa ukuze bakudlulise ukwehlulwa kwabo yiStellenbosch FC kwiNedbank Cup ngaphambi kokubhekana ne-Al Masry yase-Egypt kwiCaf Confederation Cup.

IChiefs yehlule i-Al Masry ngo 2-1 emdlalweni wesihlanu kaGroup D, yahlala esicongweni  ngamaphuzu angu-10. Isidinga ukubuya nephuzu kwiZamalek emdlalweni wokusonga isigaba samaqoqo ekuhambeni ngeSonto ukuze idlulele kuma-quarterfinal. 

IChiefs idlale ne-Al Masry ikade iphoxe abalandeli bayo maphakathi nesonto eledlule ikhishwa yiStellies kwi-Last 32 yeNedbank Cup okuwumqhudelwano ewunqobile ngesizini edlule.

UKhalil opheka iChiefs ngokubambisana noCedric Kaze, uthe basebenze kanzima ukuze abadlali badlale oweCaf sebesesimeni esihle ngokomqondo.

"Bekuwumdlalo onzima kithina ngoba besithole umphumela omubi. Bekunzima emiqondweni kubadlali futhi sithathe isikhathi eside sixoxa nabadlali ngabodwana sibagqugquzela. Manje sesiwuqedile umdlalo futhi siseqhulwini eqoqweni. Ukuze sidlulele phambili sidinga ukuya e-Egypt siyolwela amaphuzu amathathu noma elilodwa. Bonke abadlali bayabazi ubumqoka balo mdlalo. Sidlala yonke imidlalo njengeyamanqamu. Kufanele siqhubeke nokusebenza kanzima, sibuye sidlulele kuma-quarterfinal," kusho uKhalil.

Ukuphuma kweChiefs kwiNedbank kusho ukwehla komthwalo kuleli qembu elilwela ukuzuza okungcono kule sizini. Amakhosi asezogxila kwiConfederation Cup nakwiBetway Premiership.

UKhalil ukhale ngokuxinwa ngemidlalo kwaMakhosi ekubeni kukhona amaqembu athize abecatshangelwa ngesikhathi edlala imidlalo yeCaf ngesizini edlule. Uthe abasakwazi nokuziqeqesha ngenxa yokudlala njalo.

"Simele iNingizimu Afrika…yini engiyicelayo? Sikwenzile lokhu ngesizini edlule, amanye amaqembu agcina ukudlala imidlalo eyisihlanu, eyisithupha ngoMeyi. Kule sizini sidlale imidlalo engu-15. Elinye iqembu engingeke ngilisho igama lalo lidlale engu-15 futhi alidlali (kwiCaf).Uma simele iKaizer Chiefs, simele iKaizer Chiefs kodwa uma simele iNingizimu Afrika, simele iNingizimu Afrika,"usho kanje.