Ezemidlalo Ibhola

IBasetsana embangweni wokungena eNdebeni yoMhlaba

Xolile Mpisane|Published

UMGADLI uKhwezi Khoza oshayele iqembu lakuleli lika-Under-20 igoli, emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba neGhana

Image: BACKPAGEPIX

UKHOLWA wukuthi iqembu lakhe lizokwazi ukukhuphula izinga ekhaya emlenzeni wesibili ukuze ligcine amathuba okuya eNdebeni yoMhlaba umqeqeshi weqembu lesizwe labesifazane lika-Under-20, uMaude Khumalo.

IBasetsana ibambane ngo 2-2 neBlack Princesses yaseGhana emlenzeni wokuqala womzuliswano wesithathu obuse-Accra Sports Ground, ngeSonto ntambama.

Amagoli eGhana ashaywe ngu-Agnes Yeboah noLinda Owusu Ansah ngokwehlukana kweziwombe, kwathi aweBasetsana ashaywa nguZoe October noKhwezi Khoza kwesesibili.

UKhumalo uthe akumphathanga kahle ukuthi womabili amagoli abangenele aqhamuke kumakhona, okuyinto abebeyilindele kodwa ubheke ukuthi benze kangcono uma sebedlalela ekhaya.

“Siyihlaziyile iGhana futhi besibazi abadlali bayo abayingozi. Besikulindele ukuthi bazosebenzisa amandla, yingakho ngitshele abadlali bami ukuthi bagcine ibhola futhi bazihlele kahle uma kufanele sivimbe ama-freekick namakhona,” usho kanje uKhumalo.

“Asikwenzanga kahle lokho njengoba bekwazile ukuthola amagoli kodwa umdlalo ubusezingeni eliphezulu futhi ngicabanga ukuthi bekuwumphumela ofanele.

“Sizoqhubeka lapho sigcine khona, sibheke lapho singenzanga khona kahle, siqinise ekumakeni amakhona siphinde simake kangcono esiswini. Uma singabavimba bangaliyisi ibhola phambili sibaphoqe ukuthi baye ezinhlangothini singakwazi ukubacindezela ukuze benze amaphutha, bese sihlasela ngokushesha.”

Umlenze wesibili uzodlalelwa eMbombela Stadium, eMpumalanga, ngoMgqibelo ntambama.

IBasetsana ayiwudlalanga umzuliswano wokuqala wale midlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezoba sePoland ngoSepthemba.

Emzuliswaneni wesibili yagudluza i-Eswatini ngo 9-0, inqoba ngo 5-0 ekuhambeni nango 4-0 ekhaya.

Iqembu elizodlula phakathi kwelakuleli neGhana lizobhekana nelizonqoba phakathi kwe-Uganda neZambia emzuliswaneni wokugcina ozokhipha amazwe amane azomela izwekazi, i-Afrika.

I-Uganda neZambia babambane ngo 1-1 emlenzeni wokuqala obuseFUFA Stadium eKampala, ngoMgqibelo.