Ezemidlalo Ibhola

Amandla asedluliselwe emadodaneni ezinkunzini zePSL

Xolile Mpisane|Published

UMNDENI wakwaMotaung uJessica, Kaizer Jr, Kaizer Sr, Valeta, Kemiso noBobby

Image: BACKPAGEPIX

UKUHLELELA ikusasa ngenye yezinto ezibalulekile ekuqinisekiseni ukuthi amabhizinisi amakhulu awashabalali uma sekuhlehla abasunguli nabaholi bawo. 

Lokhu sekuvele obala ebholeni lakuleli njengoba amaqembu amathathu amakhulu ngokwezicoco aseziqoqile nabalandeli anawo ezweni lonkana, i-Orlando Pirates, Kaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, enza izinguquko ezizovikela umlando wawo, ziphinde ziwabeke ezingeni elihambisana namaqembu ahamba phambili emhlabeni.

Ngemuva kweminyaka lama qembu eholwa ngabaholi abahlonishwayo abangagcinanga ngokuletha impumelelo enkundleni kuphela, kodwa baqinisekisa ukuthi angamabhizinisi enza inzuzo emangalisayo, sekuyisikhathi sokuthi izintambo ziqale ukudlulela kubaholi abasha.

AbakwaKhoza kwi-Orlando Pirates

IPirates, eyasungulwa ngo-1937, ingelinye lamaqembu amadala kunawo wonke kuleli. U-Irvin Khoza (78), owafika kuleli qembu engunobhala ngeminyaka yawo-1980, waqala ukuba ngusihlalo walo ngo-1991. 

Kusukela lapho eZimnyama seziwole inqwaba yezicoco, zaphinde zaba yiqembu lokuqala lakuleli elaba ngompetha base-Afrika ngo-1995. Ngaphansi kobuholi bakhe sezakhe ubudlelwano neqwaba yezinkampani futhi zazakhela udumo e-Afrika nasemhlabeni jikelele.

Kulezi zinsuku amadodana kaKhoza, uMpumi noNkosana, yiwona asejwayele ukuhamba phambili ezingxoxweni nabaxhasi nakwezinye izinto ezihlangene nokuphatha iqembu, yize yena esengusihlalo futhi esayingxenye yokuthathwa kwezinqumo.

Ngaphambi kokuthi indodakazi kaKhoza, uZodwa, idlule emhlabeni ngo-2006, yayiphambili ekumaketheni leli qembu.

ISIKHULU se-Orlando Pirates uMpumi Khoza oyindodana kasihlalo weqembu u-Irvin Khoza

Image: BACKPAGEPIX

AbakwaMotaung kwiKaizer Chiefs 

IKaizer Chiefs, eyasungulwa ngo-1970 ngowayengumdlali we-Orlando Pirates, uKaizer Motaung, ngesikhathi ebuya phesheya lapho ayedlalela khona iqembu lase-United States i-Atlanta Chiefs, yasheshe yazakhela igama ngokunqoba inqwaba yezicoco nokuqoqa abalandeli.

UMotaung uselihole iminyaka leli qembu lidlula eminyakerni yenala neyendlala, kodwa eminyakeni yakamuva sekugqame kakhulu amadodana akhe uBobby noKaizer Junior namadodakazi uJessica noKemiso.

UKaizer Jr oyiSporting Director, ubhekelele kakhulu ukuqashwa kwabaqeqeshi nokuthengwa kwabadlali kuwona wonke amaqembu angaphansi kwaMakhosi. UBobby uyimenenja, uJessica uqondene nezokumaketha kanti uKemiso wengamele ezobuchwepheshe besimanje.

Ngokubambisana lezi zelamani zikhathula indima ebonakalayo ukuqinisekisa ukuthi leli qembu liyaqhubeka nokudlondlobala ngokwezamabhizinisi, liphinde libuyise izinsuku zenjabulo enkundleni.

IZELAMANI zakwaMotaung uKaizer Jr, Kemiso, Bobby noJessica.

Image: FACEBOOK

AbakwaMotsepe kwiMamelodi Sundowns

Leli qembu elasungulwa ngeminyaka yawo-1960, laqala ukuqina ngeminyaka yawo-1980, libe  nabaholi abaningi ngaphambi kokuthi liholwe nguPatrice Motsepe (64) ngo-2004. 

Eminyakeni edlule liwole izindebe eziningi, ikakhulukazi ezeligi, laphinde laba yiqembu lesibili lakuleli elanqoba iCaf Champions League ngesikhathi liba ngompetha base-Afrika ngo-2016.

Ngesikhathi uPatrice Motsepe enyukela esikhundleni sokuba ngumengameli wenhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iConfederation of African Football (Caf) ngo-2001, izintambo zokuba ngusihlalo weqembu waziphonsa endodaneni yakhe, uTlhopie.

Kusukela lapho, iSundowns iqhubekile nokukhonya kuleli nokubalwa namaqembu aphezulu e-Afrika nasemhlabeni jikelele kwabesilisa nabesifazane.

Inselelo kubaholi abasha

Emdlalweni lapho ubuholi obubuthaka bungawucekela phansi umsebenzi weminyaka ngokushesha, ukucija abaholi abasha kusanesikhathi kukhombisa ubuqotho. 

La maqembu akhombisa ukuthi umlando awuqoshwa ngabasunguli nabaholi ababodwa kuphela kodwa uqhutshwa ngokukhiqiza abaholi bakusasa abazofika nezindlela ezintsha zokuphatha nokuthuthukisa iqembu.

Inselelo ebhekene nezizukulwane zamanje nezisazolandela zakwaKhoza, Motaung, nakwaMotsepe ukungawabulali la maqembu ayigugu eNingizimu Afrika kodwa ziwahole ngendlela ezofukula ibhola lakuleli namanye amaqembu.

USIHLALO weMamelodi Sundowns uTlhopie Motsepe

Image: BACKPAGEPIX