Ezemidlalo Ibhola

UMngqithi ubona inhlakanhlaka kwabanga isicoco seligi

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uManqoba Mngqithi, oyihleka usulu eyokuthi umbango wesicoco seBetway Premiership uzohamba kuze kube sekugcineni kukaMeyi

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uManqoba “TV” Mngqithi, akahambisani nombono wokuthi kuzominyana utshumo kuze kube iyasongwa isizini kweBetway Premiership ngoba emaqenjini asembangweni wesicoco seligi kukhona adlala inhlakanhlaka yebhola.

Njengoba wonke amaqembu angu-16 esigaba esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika esedlale uhhafu wesizini, sebeyaqala ukucaca abafana amadodeni.

Okubukeka sengathi kukitaza abathandi nabalandeli bakanobhutshuzwayo waseMzansi, wukubona amaqembu athathwa njengamakhulu kuleli edlalela ngasesicongweni.

IMamelodi Sundowns isikhonye amasizini ayisishiyagalombili ebholeni laseMzansi kodwa kulokhu kunomuzwa wokuthi i-Orlando Pirates izoligudluza eqhulwini leli qembu laseChloorkop.

Indlela iKaizer Chiefs eyenza ngayo kwiligi yenza kubenzima ukuyiziba njengeqembu elisembangweni kwazise ilele isithathu lapho isele ngamaphuzu amahlanu kwiPirates eqhwakele. ISundowns isendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-32 emuva kwemidlalo emibili.

Njengoba womathathu la maqembu athathwa njengamakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika ebanga isicoco, abawazi kangcono unobhutshuzwayo wakuleli babona umbango uzohamba kuze kusondele uMeyi 23, okuwusuku lokugcina lwesizini ka-2025/2026.

Nakuba kunjalo kodwa uMngqithi ubona ngendlela ehlukile.

Lo mqeqeshi onomlando wokudla i-MTN 8 ne-Arrows nezinye izicoco eziningi ezahlukene neSundowns, ubona lizocela ku-10 igebe okuzowina ngalo iqembu elizokhonya ekupheleni kwesizini ngoba amanye okuthiwa asembangweni uwabona ewumlilo wamaphepha.

“Kangifuni ukukhuluma kakhulu kodwa iqiniso wukuthi izinga lesigaba esikhulu se-PSL (Premier Soccer League) alisondele ngisho ukusondela kulokhu abalandeli abacabanga ukuthi liyikho,” kusho uMngqithi.

“Kayikho indaba yokuthi kuzocaca ngemidlalo yokugcina ukuthi isicoco sizowinwa yiliphi iqembu. Abazogoduka naso kuyothi kuyophela isizini babe sebehleli ngokunethezeka esicongweni.

“Muningi kakhulu umbhedo webhola nenhlakanhlaka edlalwa ngamanye amaqembu okuthiwa asembangweni wesicoco seligi kodwa asavunwa yinhlanhla. Abafisa umbango omude abakhohlwe ngoba kwabanye azokhumuka maduze amasondo sibone nemiphumela ezosishiya sishaqekile."

UMngqithi nezakhe balungiselela ukubhekana ne-Orbit College emdlalweni we-Last 16 yeNedbank Cup eKing Zwelithini Stadium eMlaza, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.