Ezemidlalo Ibhola

UBadela akanalo igqubu nonozinti obaqhathe neChippa

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMQEQESHI weDurban City uSinethemba Badela oveze ukuthi akanankinga nephutha likaDarren Keet alenze ngesonto eledlule

Image: BACKPAGEPIX

IPHUTHA likanozinti weDurban City, uDarren Keet, emdlalweni weBetway Premiership bebhekene neChippa United alizange limqhathe nomqeqeshi, uSinethemba Badela.

Lokhu kushiwo nguyena uBadela izolo emini ngesikhathi ekhuluma nabezindaba esithangamini nabo eMhlanga, eThekwini, lapho ebezokwenaba khona ngamalungiselelo omdlalo we-Last 32 yeNedbank Cup abazowudlala neChippa kusasa ngo-7 ebusuku eChatsworth Stadium, eThekwini.

ICity ibalwa namaqembu ayiqale kahle isizini okufakazelwa yindawo ehleli kuyona kwi-log yeBetway Premiership kodwa emdlalweni odlule ikhale ngaphansi ngo 2-0 kwiChippa e-East London.

Igoli lokuqala kube yiphutha likaKeet ozame ukujika uSinoxolo Kwayiba kodwa lo mgadli wamphuca kalula ibhola labhajwa enethini.

Njengoba iCity sekuyiyona esekhaya, bekulindeleke ukuthi uBadela asishintshe isikimu kodwa lo mqeqeshi osuka kuyona iChilli Boys, ukuchithile lokho. 

“Ngeke sisishintshe kangako isikimu ngoba ngisemusha eqenjini kanti nabadlali basangifunda, ngakho-ke kazikho izinguquko ezitheni ezingalindeleka esikimini ngaphandle kokuthi abazoqala umdlalo basiphakamise phakathi nesonto ejimini isandla,” kusho uBadela.

Lo mqeqeshi ubuzwe ngephutha likaKeet wakhombisa ukungayinaki.

“UKeet uhamba yedwa ngesipiliyoni, ngakho-ke akukho okuningi engibone kufanele ngikukhulume naye ngokwenzeke emdlalweni odlule. Ibhadi likanozinti wukuthi uma enza iphutha kugqama kuthi bha ekubeni nabanye abadlali bewenza kwesinye isikhathi futhi angaphezulu.

“Kanginankinga ngephutha likaKeet ngoba liyingxenye yajwayelekile kule ndlela entsha engifuna ukudlalisa ngayo iCity. Ungunozinti wethu wokuqina futhi osazoqhubeka asivimbele kulo mqhudelwano (Nedbank Cup) nakwiligi ngokunjalo. Namaphutha afuze leli alenzile usazoqhubeka nokuwenza ngoba ahambisana nendlela yethu yokudlala.

“Okuhle nokungikhululayo wukuthi akukho migomo esiyibekelwe ngabaphathi beqembu ngeNedbank ngaphandle kokuthi sidlale ngendlela ezokwenza iqembu lihlonipheke.

“IChippa izobanzima kithina kwazise izofika ishayela phezulu ngenxa yomphumela womdlalo odlule.

“Kangingabazi nokho ukuthi iCity izokwenza konke okusemandleni ukudlulela kwi-Last 16 yalo mqhudelwano esiwuqalayo."