Ezemidlalo Ibhola

OweChiefs ufuna babhukule kweyeCaf neyeligi

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI weKaizer Chiefs, uMduduzi Shabalala, ohlulwe yinqwaba yamagoli ngesikhathi bekhala ngaphansi kwiStellenbosch FC emdlalweni we-Last 16 yeNedbank Cup

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

UFUNA iqembu lakhe liqinise kakhulu kwiCaf Confederation Cup neBetway Premiership kulandela ukukhishwa ekuseni kwiNedbank Cup omunye wabaqeqeshi beKaizer Chiefs, uCedric Kaze.

Amakhosi abevikela isicoco, aphume emzuliswaneni wokuqala walo mqhudelwano ngesikhathi equnjwa phansi yiStellenbosch FC ngo 2-1 eDHL Stadium, eKapa, ngoLwesithathhu ebusuku.

UKaze, nalowo acija naye ngokubambisana, uKhalil Ben Youssef, babesengamaphini kaNasreddine Nabi ngesikhathi Amakhosi edla lesi sicoco ngesizini edlule, njengoba sebehlulekile ukusivikela.

“Singenelwe amagoli amabili ebesingawagwema esiwombeni sokuqala. Ngaphandle kwalokho, ngikholwa wukuthi sidlale kahle kodwa salahla amathuba amabili noma amathathu amahle kakhulu,” kusho uKaze

“Esiwombeni sesibili sikwazile ukusheshe sithole igoli kodwa sahluleka ukuthola elesibili, yize sishaye ipali. Ngingasho ukuthi asibanga nayo inhlanhla. 

“Akumnandi ukuphuma kwiNedbank ngoba wumqhudelwano esiwuthandayo futhi besifuna ukuhamba size sifike ekugcineni kuwona. Ngeshwa sesiphumile futhi sesidinga ukugxila emidlalweni elandelayo yeCaf Confederation neyeligi."

Amakhosi asendaweni yesithathu ngamaphuzu ayisikhombisa emidlaweni emine kuGroup D kwiConfederation Cup.

Kuleli qoqo kuqhwakele iqembu lase-Egypt, iZamalek, ngamaphuzu ayisishiyagalolunye, lilandelwe abakhaya balo, i-Al Masry, ngayisikhombisa.

IZESCO United yaseZambia, enqotshwe yiChiefs ngo 1-0 imidlalo emibili ilandelana, isemsileni ngeqanda.

Iqembu lasePhefeni lidinga ukuwunqoba umdlalo elizowudlala ne-Al Masry ePeter Mokaba Stadium ePolokwane, ngeSonto ngo-3 ntambama, ukuze likhuphule amathuba okuba ngelinye lamaqembu amabili azodlulela kweyomkhumulajezi.

UKaze uthe izinguquko abazenze emdlalweni weNedbank neStellies bazenze ngenhloso yokuphumuza abadlali abebekhandlekile ngenxa yemidlalo yeCaf neyeligi kanye nokudlalela ezindaweni ezehlukene.

“Kangiqondile ukubeka izaba kodwa kunzima ukudlala njalo ngemuva kwezinsuku ezintathu, ezindaweni eziqhelelene,” uqhube kanje uKaze.

“Izinguquko sizenze ngoba sibona imizuzu esidlalwe ngabadlali abathile, amakhilomitha asebewagijimile neminye imininingwane esiyithola ngobuchwepheshe besimanje. Eqinisweni abadlali esibasebenzise emdlalweni wethu neStellies nabo abeKaizer Chiefs futhi kufanele bahlezi bekulungele ukudlala imidlalo yalolu hlobo. Bazamile futhi sesibheke phambili.

"Ngingumuntu ofundayo ngaso sonke isikhathi, ikakhulukazi uma izinto zingahambanga kahle. Ngiyakholwa futhi ekutheni nabadlali bazozisebenzisa izifundo ezinzima abazotholile ukuze badlale kangcono emidlalweni ezayo.”

Komunye umdlalo kaGroup D, nawo ozoqala ngo-3 ntambama ngeSonto, iZESCO United izotholana phezulu neZamalek eLevy Mwanawasa Stadium eZambia.