Ezemidlalo Ibhola

Ayikho indawo yamavila kwiPirates - Ouaddou

Mthokozisi Mncuseni|Published

UYANELA Mbuthuma we-Orlando Pirates uwuhlobo lomgadli azifelayo ngalo umqeqeshi waleli qembu laseSoweto, u-Abdeslam Ouaddou

Image: BACKPAGEPIX

ABADLALI abangamavila abasoze bathola indawo esikimini se-Orlano Pirates ephekwa ngu-Abdeslam Ouaddou ngoba ukumaka akuwona umsebenzi obekelwe izitobha kepha oweqembu lonke. 

Lena yimpendulo ka-Ouaddou ayitshele abezindaba maphakathi nesonto, ngesikhathi ebhunga ngezinhlelo zokubhekana neTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) emdlaweni we-Last 32 yeNedbank Cup kusasa ngo-3 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. 

Ubebuzwa ngokuzifelwa kwakhe ngomgadli osemncane, uYanela Mbuthuma.

UMbuthuma ungomunye wabadlali abasha kwiPirates kodwa ukhombisa izimpawu zokukhula okusobala uma eqhathaniswa nangezikhathi zakhe esekwiRichards Bay FC. 

Useshaye amagoli ayisihlanu emidlalweni engu-14 kuyona yonke imiqhudelwano. Selokhu kubuye imidlalo ngemuva kwekhefu le-Africa Cup of Nations (Afcon), uMbuthuma uyena othola indawo esikimini seZimnyama, ngaphambi kuka-Evidence Makgopa obekwiBafana Bafana. Ngokusho kuka-Ouaddou, lokhu kungenxa yendlela lo mgadli asebenza ngayo ngokuzikhandla njengoba kunguyena oqala ukumaka phambili. 

“Ngiyazifela ngabo bonke abadlali bami kepha kuyiqiniso ukuthi ngiyakholelwa kuMbuthuma ngoba ngimbona njengohlobo lomgadli olungena khaxa endleleni engifuna ukudlalisa ngayo iPirates,” kusho u-Ouaddou. 

“Okunye okwenza ngithande uMbuthuma wukuthi uyithalente laseMzansi nengicabanga ukuthi lisengawelela phesheya kwezilwandle. Siqeqeshela ukusiza abadlali bakhule.

“UMbuthuma uwuhlobo lomgadli lwendlela yamanje yokudlala ibhola kwazise izitha siqala ukuzivimba ngabagadli. Amavila ngeke ayithole indawo uma kunjalo.

“Sisebenzisa uMbuthuma okwamanje kodwa sinabo nabanye abawenza ngendlela efanayo umsebenzi njengoMakgopa noRadio (Boutumelo Radiopane).

“Sesadlula isikhathi sokuthi umgadli ubhekwe ukuthi abhakuzise inethi kuphela. Njengoba sinezifiso eziningi kule sizini kuyasiphoqa ukuthi sibe nezindlela eziningi zokudlala."

Yize lo mqeqeshi engazage athande ukuphawula ngoTsegofatso Mabasa obolekiswe kwiStellenbosch FC, inkulumo yakhe ikucacisile ukuthi abaxabene nalo mgadli kepha bahlangana kabi.

“Kangikwazi ukuphawula ngoMabasa ngoba usemabhukwini elinye iqembu ngaphandle kokumfisela okuhle kodwa. Kangingabazi ukuthi la ekhona uzofika agqame ngoba ngaphandle kwethalente, unenhliziyo emnene,” kusho u-Ouaddou.