Ezemidlalo Ibhola

Kubhimbe zibekwa kwiChiefs ikhishwa yiStellies kwiNedbank

Xolile Mpisane|Published

U-IBRAHEEM Jabaar ejabulela igoli alishayele iStellenbosch FC ngesikhathi iguqisa iKaizer Chiefs ngo 2-1 koweNedbank Cup.

Image: BACKPAGEPIX

Kaizer Chiefs (0) 1

Stellenbosch FC (2) 2

IBHEDE zibekwa imizamo yeKaizer Chiefs yokuvikela indebe yeNedbank Cup iwashiswa ijezi yiStellenbosch FC ngo 2-1 emdlalweni we-Last 32 obuseDHL Stadium, eKapa, ngoLwesithathu ebusuku.

Amagoli eStellies ashaywe ngu-Ibraheem Jabaar kuyiphenathi noDevon Titus esiwombeni sokuqala. EleChiefs lishaywe nguFlavio Silva kwesesibili kuyiphenathi.

Amakhosi alahlekelwe yindebe yeNedbank aqede ngayo indlala yeminyaka ngesikhathi iyiwina yehlula i-Orlando Pirates nyakenye. Ukuphuma kwawo ekuseni kulo mqhudelwano kulo nyaka kusho ukuthi isicoco sasekhaya asengasilwela kule sizini yiligi yeBetway Premiership kuphela.

Bekungokwesibili kule sizini iStellenbosch ikhipha iChiefs emqhudelwaneni womkhumulajezi njengoba iyikhiphe sekukhahlelwa amaphenathi kwi-Last 16 yeCarling Knockout.

IStellies isheshe yahamba phambili ngomzuzu ka-10, ngephenathi enanyathiselwe enethini ngu-Jabaar, edaleke ngesikhathi uSilva ekhahlela uThabo Moloisane ebusweni esebhokisini.

Iqembu likaGavin Hunt lithole igoli lesibili ngomzuzu ka-23, ngenguzunga yeshodi elidedelwe nguTitus engaphandle kwebhokisi ngemuva kokuthi iChiefs ilahle ibhola esiswini.

Unozinti weStellies, uSage Stephens, ube nesandla esikhulu ekuthini kuyiwe ekhefini iqembu lakhe lisahamba phambili ngamagoli amabili ngokuvimba amabhola amathathu abeyingozi abeqhamuka kuMduduzi Shabalala.

NeStellies ibingaya ekhefini isihamba isiwengezile amagoli ukuba uChumani Butsaka akalibhekisanga eceleni ibhola esebhekene nonozinti uBrandon Petersen maphakathi nesiwombe.

Kuthe kusanda kubuywa ekhefini, uSilva wasikhokha isikweletu sakhe ngokuvalela phakathi iphenathi ngomzuzu ka-56. Le phenathi yeChiefs idaleke ngesikhathi uMosa Lebusa ebamba ibhola ngesandla ebhokisini.

Nokho, leli qembu - eliqeqeshwa nguCedric Kaze noKhalil Ben Youssef - alibange lisakwazi ukuthola igoli lesibili ebelizolibuyisela kulo mdlalo, waphela ngo 2-1.

Khonamanjalo: Komunye umdlalo we-Last 32 yeNedbank Cup obuseLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, iMamelodi Sundowns ilwe kwaze kwayilungela ikhipha iGomora United ngo 2-1.

AmaSandawana ahambe phambili ngegoli likaPeter Shalulile kodwa kwayiwa ekhefini sezibambene ngo 1-1 kulandela igoli lokulinganisa leGomora elishaywe nguMpho Maoke ngesikhathi esengezwe ngunompempe.

IGomora, ehlezi ngasemsileni kwiMotsepe Foundation Championship, iqhubekile nokuyimisa kabi iSundowns kodwa yagcina igobe uphondo maphakathi nesiwombe sesibili ngesikhathi uThapelo Morena eshayela iqembu likaMiguel Cardoso igoli elilifake kwi-Last 16.