ESINYE sezethenjwa ze-Orlando Pirates, uTshepang Moremi (ophakathi), ejabula nozakwabo u-Oswin Appollis noCemran Dansin
Image: BACKPAGEPIX
OMUNYE wabadlali abasha kwi-Orlando Pirates kodwa osephenduke isithenjwa sabalandeli, uTsepang Moremi, udalule imfihlo ngokumenze wangena khaxa ngokushesha esitayeleni saleli qembu laseSoweto.
UMoremi (25) usayine kwiPirates ekuqaleni kwesizini esuka kuMaZulu FC ehamba nabanye abadlali okukhona kubona uSipho Mbule, Oswin Appollis, Kamogelo Sebelebele, Masindi Nemtajela noSihle Nduli.
Useshayele iPirates amagoli ayisishiyagalombili, wakhela ozakwabo elinye, kuyona yonke imiqhudelwano. Ukushesha kwakhe ukuqhakaza kwiPirates kuholele ekutheni athole indawo eqenjini leBafana Bafana ebelidlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ebiseMorocco muva nje.
“Imfihlo ngokungena khaxa ngokushesha ilele ekutheni angizange ngifike ngedwa kepha ngangihamba nabanye abadlali bohlobo oluphambili,” kusho uMoremi.
“Okuningi kubelula kimina ngoba amehlo abengahleli kimina ngedwa kepha abekwabanye abafike kwiPirates kwezwakala. Ngenhlanhla ngiwumuntu olisebenzisayo ithuba uma elinikwa.
“Kade ngalilinda ithuba lokugqama eqenjini elikhulu njengePirates futhi kade ngakulungela. Ukugqama kwekusasa lami ebholeni yinto obese kunesikhathi ngiyazi futhi ngiyisebenzela.
“Ngiyazijabulela ngezinga engikulona futhi ngijabule ngendlela engilisebenzisa ngayo ithuba engilinikwayo.
“Kube yinhlanhla ukuthi ngifikisane nabadlali abaphambili, ngathola ithuba lokwenza kahle okulindeleke kimina ngaphandle kokucindezeleka."
Lesi siphekhepheke somdlali asikungabazi ukuthi bazokhala bamuke naso isicoco seligi kule sizini.
“Noma kanjani iligi izohamba nathi kulokhu. Kumqoka nokho ukwazi ukuthi imidlalo efana noweMagesi iyona okubaluleke kakhulu ukuthi siyinqobe.
“Akufanele siwudedele umgqigqo wethu. Uma siphumelela ukwenza, lokho nakanjani isicoco seligi sizogoduka naso,” kusho uMoremi.
Related Topics: