Ezemidlalo Ibhola

Ukuqanjwa kabusha kwe-Orlando Stadium kuzothuthukisa isimo senkundla

Xolile Mpisane|Published

UJORDI Borrut oyiManaging Director yeHeineken Beverages, isikhulu se-Orlando Pirates uMpumi Khoza, iMarketing Director yeHeineken Beverages u-Andrea Quaye noBertie Grobbelaar oyisikhulu esiphezulu seStadium Management SA.

Image: BACKPAGEPIX

ZIMBALWA izinkundla zebhola zaseNingizimu Afrika ezinomlando ongaqhathaniswa nowe-Orlando Stadium.

Yingakho zamukelwe ngezindlela ezingafani izindaba zokuthi le nkundla eseSoweto isizokwaziwa nge-Orlando Amstel Arena ngenxa yokuxhaswa yinkampani ekhiqiza ubhiya, i-Amstel.

Lokhu kuqinisekiswe ngoLwesibili emcimbini obubanjelwe kuyona le nkundla lapho kuphinde kwethulwa nombhalo omkhulu ongaphandle kwenkundla ogqamisa igama layo elisha.

Le nkundla ese-Orlando East yavulwa ngo-1959, ukuze isetshensizwe amaqembu abantu abamnyama ngesikhathi sobandlululo. Yashintsha ngokushesha yaba ngaphezulu kwenkundla yebhola nje, kodwa yaba yindawo yokuhlanganisa umphakathi nangezinye izindlela.

Iyingxenye enkulu yomlando webhola lakuleli kwazise inqwaba yezingwazi zakuleli okubalwa kuzona u-Eric’ Scara’ Sono, Kaizer Motaung, Jomo Sono, Ephraim “Shakes” Mashaba nezinye, sezake zagijima kuyona. Izizukulwane zabadlali nabalandeli sezadlula emasangweni ale nkundla. 

Yize yaziwa njengekhaya le-Pirates, abanikazi bayo uMasipala waseGoli, uyibeke ezandleni zenkampani iStadium Management South Africa. Le nkampan iphethe nezinye izinkundla ezingaphansi kwalo masipala okubalwa kuzona iFNB Stadium, Rand Stadium neDobsonville Stadium.

UMasipala neStadium Management SA yibona abathatha izinqumo ngale nkundla kodwa kube lula ukuthi bakhe ubudlelwano ne-Amstel kwazise le nkampani edabuka eNetherlands ibisivele ingabaxhasi bePirates kusukela ngo-Agasti nyakenye.

SEKWENZIWE nezinguquko ezimbalwa nangaphakathi e-Orlando Amstel Arena

Image: BACKPAGEPIX

Ukushintshwa kwamagama ezinkundla, kujotshelelwe amagama abaxhasi sekuyinto ejwayelekile kwezemidlalo ngenxa yemali engenayo ngalezi zivumelwano. Abaxhasi basuke befuna ukuzimaketha kubalandeli kanti abanikazi bezinkundla basuke behlose ukuhlomula ngemali ukuze babhekane nezindleko zokugcina inkundla isesimeni esifanele.

Inkampani yomshwalense yaseGermany, iSignal Iduna, yaqala ukuxhasa inkundla yeqembu lakhona iBorussia Dortmund ngo-2005. Le nkundla yayaziwa ngeWestfalenstadion, yashintshwa yabizwa ngeSignal Iduna Park. Lobu budlelwano busaqhubeka namanje futhi busize iqembu labalwa nahamba phambili eGermany nase-Europe eminyakeni edlule.

Izinkunzi zaseSpain, iFC Barcelona, zaqala ubudlelwano nenkampani yomculo iSpotify ngo-2022, okuholele ekutheni inkundla yazo yaziwe ngeSpotify Camp Nou. Ngonyaka odlule basayine inkontileka entsha ezophela ngo-2034. Njengamanje leli qembu limatasa lilungisa le nkundla ukuze imumathe abalandeli abangu-105 000 futhi ibe nobuchwepheshe besimanje.

ENingizimu Afrika ezinye izinkundla eziqanjwe ngabaxhasi yiHollywoodbets Kings Park Stadium (eThekwini), FNB Stadium (eNasrec), Toyota Stadium (eBloemfontein) neDHL Stadium (eKapa).

“Lobu budlelwano bukhombisa indlela abaphathi bezinkundla, amaqembu nabaxhasi abangabambisana ngayo ukuqinisekisa inqubekela phambili. Asikhulumi ngenkundla kuphela kodwa ebholeni lakuleli lonkana,” usho kanje uBertie Grobelaar oyiManaging Director eStadium Management SA.

“Imali esizoyithola izosisiza ekuthuthukiseni inkundla, ngaphakathi nangaphandle, ukuze abadlali nabalandeli abathamela imidlalo babe sendaweni esezingeni eliphezulu futhi baphephe ngaso sonke isikhathi.

“Siyayihlonipha kakhulu le nkundla nomlando wayo weminyaka engu-67, ngakho-ke besingeke sithathe izinqumo ezizocekela phansi umlando wayo kodwa kufanele sicabangele nekusasa.”

UMCEBO Dlamini oyiChief Administrator kwi-Orlando Pirates

Image: BACKPAGEPIX

UMcebo Dlamini oyiChief Administrator kwi-Orlando Pirates, uthe lezi zinguquko ziyahambisana nendlela abaqhuba ngayo njengeqembu njengoba behlose ukuthi bahambisane nokwenzeka kwamanye amazwe ahamba phambili ebholeni.

“Yize uSihlalo (u-Irvin Khoza) esasihola kodwa kusobala ukuthi kukhona nobuholi obusebusha kuleli qembu obuhambisana nezinqubo zesimanjemanje. Nakuba iqembu lasungulwa ngo-1937 kodwa selidlule ezizukulwaneni eziningi futhi asifuni ukusalela emuva,” usho kanje uDlamini.

“Siyakuthokozela ukubona izinkampani ezinkulu ezisuka phesheya zeseka ibhola lakuleli. Siphila ezweni lapho ingqalasizinda ibhidlika khona. Kungumsebenzi wezikhungo ezinkulu ezifana ne-Orlando Pirates, ezizinze elokishini ukwenza umehluko. Le nkundla isho lukhulu emlandweni futhi iyigugu kubantu. Iyingxenye yomzabalazo wabantu baseNingizimu Afrika, eSoweto.”

I-Orlando Amstel Arena izokwaziwa ngaleli gama kuze kushaye u-2031 kodwa kungenzeka inkontileka iphinde inwetshwe noma kufike abaxhasi abasha. Kusengenzeka futhi ukuthi ibuyele ekubizweni nge-Orlando Stadium ngemuva kwale minyaka emihlanu.

Umdlalo wokuqala ozodlalwa kule nkundla isiyaziwa ngegama elisha uzoba namuhla ngo-6 ntambama lapho ezikaMagebhula zizodudulana khona neMagesi FC kwiBetway Premiership.

Nakuba kuzothatha isikhathi ukuthi abalandeli bajwayele leli gama elisha, futhi abanye bengeke balisebenzise nhlobo, okungeke kuphikiswe wukuthi imali iyadingeka ukuze izizukulwane ezizayo nazo zilithole ithuba lokuba phakathi eSigodini sikaMaminzela.

ABANYE babalandeli be-Orlando Pirates abebesemcimbini wokwethulwa kwe-Orlando Amstel Arena

Image: BACKPAGEPIX