UMFUNDO Vilakazi ngomunye wabadlali abebeqala iminyakazo eyingozi yeKaizer Chiefs ngesikhathi ibhekene neZESCO United emdlalweni weCaf Confederation Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, izolo ntambama
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
I-KAIZER Chiefs iqinise amathuba okudlulela kuma-quarterfinal eCaf Confederation Cup ngokunqoba kwiZESCO United yaseZambia emdlalweni ka-Group D odlalwe ngeSonto ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ngokunqoba izolo, Amakhosi anyukele endaweni yesibili kwi-log ka-Group D ngamaphuzu ayisikhombisa. Nokho konke bekuncike emdlalweni wezinkunzi zase-Egypt, i-Al Masry neZamalek esishicilele ungakapheli. Igoli leChiefs lishaywe nguGlody Lilepo esiwombeni sokuqala somdlalo.
Ukunqoba kweChiefs kushiya amathuba ayo ama-quarterfinal ezandleni zayo kwazise asalelwe yimidlalo emibili yamaqoqo ezoyidlala ne-Al Masry ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngempelasonto ezayo noweZamalek eCairo, maphakathi noFebhuwari.
Bekumele kuyiwe ekhefini iChiefs isihamba phambili ngembudlu yamagoli kodwa bekucaca ukuthi amakhokho okubhakuzisa inethi uwashiye ekhaya uFlavio Da Silva. Lo mgadli uthole inqwaba yamathuba kodwa amehlula.
IChiefs okuqale umdlalo inewini eyodwa kusukela kuqale iConfederation Cup, ibingadlalisi okweqembu elilambile yize bekusobala ukuthi umdlalo iwuphethe futhi nabo bonke abalandeli abebesenkundleni bahamba nayo.
Ngokubona ukuthi liyayishonela kulo mqhudelwano, i-ZESCO iqalile ukusuka emuva yahlasela okuwufudumezile umdlalo yize ibingeyona ingozi kangako kuBrendon Petersen obezipholele ezintini zaMakhosi.
Womabili la maqembu enze izinguquko kodwa obekusobala yizimpawu zokubambelela kweChiefs kulokhu ebisikuphethe esandleni. Imizamo yeZESCO nayo bekusobala ukuthi ayenziwa ngokungacabangi.
Ezimnandi kwabeChiefs kube wukubonakala kukaGaston Sirino ongomunye wabadlali abafika kuleli qembu laseNaturena bethenjiwe kodwa bahlushwa wukulimala.
Lo mdlali ungene wayikhulula iChiefs izolo, kwavela namathuba okushaya amagoli.
Komunye umdlalo weConfed Cup obuthinta iqembu laseNingizimu Afrika, iStellenbosch FC ilotsholwe yiCR Belouizdad yase-Algeria ngo 3-0 ekhaya.