Ezemidlalo Ibhola

Ukhale ngamathuba uCardoso begotshwa yi-Al Hilal koweCaf

Xolile Mpisane|Published

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso.

Image: BACKPAGEPIX

UKHALE ngesifo esesihlasele iqembu lakhe sokumosha amathuba okushaya amagoli umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso kulandela ukunqotshwa kweqembu lakhe yi-Al Hilal ngo 2-1 emdlalweni wamaqoqo weCaf Champions League ngoLwesihlanu ebusuku.

Lo mdlalo ububanjelwe e-Amahoro Stadium, edolobheni iKigali, eRwanda, esetshenziswa yileli qembu laseSudan elingakwazi ukudlalela ekhaya ngenxa yezimpi.

I-Al Hilal ihambe phambili ngephenathi edalwe ngunozinti wamaBrazilian uDenis Onyango sekuyophela isiwombe sokuqala, uMohamed Abdelrhman wayivalela phakathi.

Leli qembu lithole igoli lesibili esiwombeni sesibili ngeshodi elishaywe nguJean Claude Girumugisha ekude, walizwa ngendaba u-Onyango.

Libuyile ithemba lokuthi amaSandawana angathola okuthile kulo mdlalo ngesikhathi u-Arthur Sales ewashayela igoli, aphinde awathola amanye amathuba, kodwa kwangalunga.

“Kusobala ukuthi angijabulile ngemuva kokuthola lo mphumela. Inhloso yethu bekuwukuthola amaphuzu ebesiwadinga ukuze sibe endaweni engcono kuleli qoqo ngaphambi kokudlala imidlalo emibili yokugcina,” usho kanje uCardoso.

“Besazi ukuthi kufanele siwudlale kanjani lo mdlalo ngoba besizazi izitha zethu nokuthi yikuphi lapho ziqine khona. Besazi ukuthi kuzoba mqoka ukuthi sizame ukulawula umdlalo. Ngeshwa iphutha elenzeke ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala lihole ekutheni bathole iphenathi.

"Ngaphambi kwalokho besinawo amathuba okuthola amagoli kodwa sangawasebenzisa. Siphinde salahla ibhola esiswini bakwazi ukuthola igoli lesibili. Sifake abadlali abasinike umfutho sathola igoli, kodwa ngeshwa sahluleka ukuthola elesibili.

“Amagoli esiwayekile kuyona yomibili imidlalo esiyidlale ne Al-Hilal asilimazile. Kufanele siwavume amaphutha aholele ekutheni sithole lo mphumela. Ngesizini edlule sibhekane nesimo esifanayo kulo mqhudelwano kodwa sadlula. Kufanele sigxile emdlalweni olandelayo, amaqembu amakhulu enza kanjalo, yize sisazodlala owomkhumulajezi ekhaya ngoLwesithathu.”

AmaSandawana azodlala oweLast 32 weNedbank Cup neGomora United eLoftus Versfeld Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.