Ezemidlalo Ibhola

UKaze uxwayise ngobungozi 'bokumila izimpiko' kwabeChiefs

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMDLALI waseswini weKaizer Chiefs, uSiphesihle Ndlovu, ngomunye okubhekwe ukuthi basize leli qembu uma selibhekene neZESCO United emdlalweni weCaf Confederation Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto ntambama

Image: BACKPAGEPIX

ELINYE lamabamba abaqeqeshi kwiKaizer Chiefs, uCedric Kaze, lixwayise ngobungozi bokujabula ngokweqile ngenxa yemiphumela yakamuva kwiBetway Premiership ekubeni luselude ukhalo okusafanele baluhambe ngaphambi kokufika ezweni lesethembiso.

Kusukela kuqale isizini, iChiefs ilokhu idlalela ngasesicongweni se-log okwenza abalandeli bayo banyukelwe yithemba ngamathuba eqembu labo okudla isicoco seligi ngesizini lapho kunakwe khona izimbangi, iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.

Amakhosi azibeke endaweni yesibili kwi-log ngokunqoba ngo 1-0 wegoli likaGlody Lilepo kwiMarumo Gallants emdlalweni weligi eDr Petrus Molemela Stadium, eBlomfontein, ngoLwesithathu. Awina lo mdlalo nje, ngempelasonto edlule abuye namaphuzu amathathu kwiZESCO United yaseZambia emdlalweni kaGroup B kwiCaf Confederation Cup. 

La maqembu azophinda agadulisane ngeSonto ngo-3 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. 

Akubuzwa ukuthi ukwenza kahle kweChiefs kwenza bashayele phezulu abalandeli bayo.

Kuyona yonke leyo njabulo, uKaze obambe umsebenzi noKhalil Ben Youssef, akafuni kubhiyozwe kuze kweqe ngoba indlela okusafanele ihanjwe iseyinde kakhulu.

Lo mqeqeshi uyaqonda ukuthi kusenamabhawodi okusafanele bawaqinise kodwa akanayo nencane inkinga ngendlela abayiqoqa ngayo imiphumela encomekayo.

“Ngabe ngisenga ezimithiyo uma ngithi ngineme ngendlela esidlale ngayo kodwa futhi ngijabule kakhulu ngomphumela esiwuthole singadlali ngendlela ejabulisayo,” kusho uKaze esithangamini nabezindaba.

“Sizoshintsha izigqoko sigxile kwiCaf kodwa nakhona yithuba lokuqhubeka nokubamba umgqigqo. Siyazi ukuthi singadlala kangcono kodwa futhi siyaqonda ukuthi siyahlanganisa.

“Okusemqoka wukuqoqa amaphuzu ukuze singeke sisuke kulezi zindawo esidlalela kuzona kwi-log. Okungaba yiphutha elikhulu wukumila izimpiko, bese siyehlisa ekusebenzeni ngoba sizibona ukuthi sesingcono.

“Ngeke sikuvumele ukuthi kwenzeke lokho kubadlali yingakho nakubalandeli ngizicelela ukuthi noma sijabula kodwa singeqisi ngoba indlela okusafanele siyihambe ngalo mgqigqo esihamba ngawo iseyinde."