Ezemidlalo Ibhola

OwePirates uvuselelwe ngamadlelo aluhlaza kaMbokazi

Mthokozisi Mncuseni|Published

ISITOBHA se-Orlando Pirates, uLebone Seema, siveze ukuthi ukuhamba kukaMbekezeli Mbokazi kusikhumbuze ubumqoka bokusebenza kanzima

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

OMUNYE wabadlali abafike kwi-Orlando Pirates kungaziwa lutho ngabo kodwa osephenduke enye yezinsika zaleli qembu laseSoweto, uLebone Seema, ukhuthazekile ngokuthola amadlelo aluhlaza kukaMbekezeli “TLB” Mbokazi abeyibamba naye maphakathi emuva.

Nakuba uSeema engomunye wabasanda kufika kwiPirates esuka kwi-TS Galaxy kodwa kunzima ukuziba ukuqina kwakhe odongeni lwasemuva lweZimnyama. 

KwiPirates, uSeema ubedlala ngokuzwana noMbokazi onyuselwe esikimini esikhulu esikhathini esingaphansi konyaka kodwa waphenduka enye yezinsika kwiBafana Bafana. UMbokazi usanda kusayiniswa yiqembu lase-USA, iChicago Fire. Lokhu kusho ukuthi uSeema sekufanele ajwayele ukudlala nomunye umdlali emuva. Ngesikhathi bebhekene neSekhukhune United ubeyibambe nokaputeni uNkosinathi Sibisi.

USeema ubekhuluma nabezindaba ngesikhathi iPirates ilungiselela ukudlala neMagesi FC koweBetway Premiership ozoba se-Orlando Amstel Arena eSoweto, kusasa ngo-3 ntambama.

“Okwenzeke kuMbokazi kufanele kukhuthaze bonke abadlali abanesifiso sokuhamba ibanga elide ebholeni lomhlaba okuhlanganisa nami uqobo,” kusho uSeema.

“Sidlale kahle mina naye futhi angikungabazi ukuthi nalapho eya khona uzofika aqhubeke. Ukuhamba kwakhe kungikhumbuze ubumqoka bokufaka ikhanda phansi ngisebenze ngoba angazi ukuthi ngubani obukayo.

“Ngizizwa ngihloniphekile ukuba semabhukwini eqembu elithathwa njengelikhulu ebholeni lase-Afrika (iPirates). Lokhu akusho ukuthi sekwanele kepha akhona amaligi nami engifisayo ukudlala kuwona.

“Ngijabule ngakho konke kwiPirates. Nginaso isifiso sokuthola amadlelo aluhlaza uma sekufike esami isikhathi."

Njengoba uMbokazi ubedlala ngonyawo lwesokunxele maphakathi emuva, iPirates iqoke ukuvala isikhala sakhe ngenxele leMarumo Gallants uMpho Chabatsane. Lokhu kusho ukuthi kungenzeka uSeema ayibambe naye esikimini esiqala imidlalo maduzane.

“Ungumdlali ebesike sixoxe ngaye singakazi nokuthi uzofika kwiPirates ngelinye ilanga ngakho-ke ithuba lokudlala naye liyajabulisa. Kulezi zinsuku ezimbalwa efikile yena nabanye, sekusicacele ukuthi bazokwenza iPirates iqine kunalokhu ebivele iyikhona,” kusho uSeema.

Njengabadlali abaningi baseMzansi, uSeema unalo ithemba lokuthola indawo esikwatini seBafana Bafana esiqeqeshwa nguHugo Broos esizodlala kwiNdebe yoMhlaba ezoba se-USA, Cananda naseMexico, ngoJuni. 

“Bonke abadlali banesifiso sokudlalela amazwe abo, ingasaphathwa eyethuba lokudlala iNdebe yoMhlaba. Umqondo wami ugxile kwengingakwenza kwiPirates.

“Kuhle ukuba nomqeqeshi ofana noHugo (Broos) kwiBafana ngoba uqoka ngendlela yakhe okusho ukuthi ithuba lihlale likhona," kusho yena.

Khonamanjalo: Izolo iPirates imemezele ukuthi isihlukene nesitobha seNigeria, u-Olisa Ndah.