UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, ejabula nabalandeli baleli qembu emuva komdlalo
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns okunongabazane ngekusasa, uMiguel Cardoso, ukhulume sakuzincengela kubalandeli baleli qembu laseChlookop, ukuba bamamukele njengomunye wabo ngoba akazele ukuzobhidliza kepha uzokwakha inqanawe abazoziqhenya ngayo kungekudala.
Kusukela iSundowns ilahle amaphuzu emdlalweni ka-Group C weCaf Champions League ngokubambana ngo 2-2 ne-Al Hilal Omdurman yaseSudan, ngeledlule, uCardoso uthwale kanzima kwezinye izingxenye zabalandeli ehlaselwa ngamazwi alulemayo enkundleni nasezinkundleni zokuxhumana.
Yize kucishe konakala nangesikhathi bebhekene neSekhukhune United koweBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku, kodwa uCardoso uthole ithuba lokuphefumula kwazise banqobe ngo 2-0 wamagoli angene ngemizuzu yokugcina yokugcina ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Okungafihliwe wukuthi uCardoso ubezothwala kanzima ukube iSundowns ayizange iwunqobe lo mdlalo. Akubuzwa ukuthi ukuwina kwakhe kumnike intuba yokuphefumula lo mqeqeshi wasePortugal.
“Besinomdlalo onzima neSekhukhune ngenxa yezizathu eziningi kodwa obekuseqhulwini wukuqoqa amaphuzu amathathu abedingeka uma uzokhumbula isonto esiphuma kulona,” kusho uCardoso.
“Lo mdlalo siwuqale kunomuzwa ongajwayelekile kodwa omuhle okwenze saya kuwona ngokuzethemba. Kusemqoka ukuthi sibashayele ihlombe abadlali abangalijwayele ijezi abasisize kwiSekhukhune.
“Ngiwumqeqeshi weSundowns olithandayo iqembu. Ngiyazicelela kubalandeli ukuba basibambisise isiqubulo esikhuthaza 'Ubuntu'' esibhalwe ejezini esidlala ngalo.
“Okwangiletha kwiSundowns yithuba lokwengeza kokuhle engivele ngikufice khona. Ngiyazicelela kubalandeli ukuba bangamukele njengomunye wabo, hhayi isitha. Engakuzela kwiSundowns yimpumelelo, hhayi yami ngedwa kepha esizoyijabulela sonke."
ISundowns izobuyela kwiChampions League ngokubhekana ne-Al Hilal eTanzania, ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku. Lo mdlalo uzodlalelwa eTanzania ngenxa yokuthi kuyaliwa eSudan.
KwiSekhukhune, uCardoso usebenzise abadlali abangalijwayele ijezi okukhona kubona uDenis Onyango, Keagan Johannes, Devine Lunga noKhulumani Ndamane.